Ukhala ngokuhlukunyezwa esitokisini osolwa ngokubulala uSiam Lee

2018-02-02 18:02

Durban – Owesilisa osolwa ngokubulala uSiam Lee, 20, ukhala ngokuhlukunyezwa akutholayo lapho etoke khona esiteshini samaphoyisa eDurban North, kusukela aboshwa ngenyanga eyedlule.

UCebolenkosi Philani Gift Ntuli, 29, uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ebigcwele phama ngoLwesihlanu ekuseni mayelana namacala ayisishiyagalombili abhekene nawo, okubalwa kuwo nelokuthumba.

UNtuli utshele iMantshi uMohammed Motala ukuthi ufuna ukuthuthelwa ezitokisini zasejele laseWestville ngenxa yokuthi uyashaywa eDurban North.

"Sekuphele amasonto amabili ngilala kumata kanti futhi ngiyahlukunyezwa. Sebeke bangimboza ngocwazi bengincisha umoya. Sengihlukunyezwe kwenele eDurban North. Kungcono ngiye eWestville, lapho engizokwazi khona ukuthola ubuthongo," esho.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokubulala owesifazane,20, owatholakala eshisiwe

UNtuli ubekwe amacala okuthumba, ukubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukushayela budedengu, ukuhluleka ukwenza okufanele ngemuva kwengozi yomgwaqo, ukuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho kanye nokukhwabanisa.

Kusolakala ukuthi wathumba uLee ngomhlaka-4 Januwari ngaphandle komuzi okuMargaret Mayton Avenue, eDurban North, emsabisa ngokumdubula, ngokusho kwamaphepha asenkantolo.

Isidumbu sikaLee esasishisiwe satholakala epulazini eliseNew Hanover.

Ummangalelwa zamkhalela ngomhlaka-17 Januwari.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.