Ukhala ngokuhlukunyezwa yintombi umsakazi woKhozi FM

2017-01-29 11:04

Durban - Ugeqe amagula umsakazi woKhozi FM, ehlambuluka ngowesifazane okhala ngokuthi ulale naye maqede wamlaxaze kuhle kwamafinyila.

UKhetha Gwala (umsakazi), uzifikele mathupha emahhovisi aleli phephandaba ngoLwesihlanu ezochaza konke okwenzeke phakathi kwakhe noNkz Nombuso Gcabashe, wakwa Z eMlazi eningizimu yeTheku, ozinze e-Amsterdam, e-Europe. 

UKhetha uveze ukuthi empeleni nguyena ohlukunyezwe yilo wesifazane.

Ubephethe nobufakazi bama-sms ebebethumelelana wona nalo wesifazane. Izinyembezi zigcwala amehlo kuKhetha uma echaza ngokuhlukumezeka asedlule kubona ngalo wesifazane athi ubengamazi ukuthi unje.

UKhetha uveza ukuthi uhlangane nalo wesifazane ngonyaka ophelile emcimbini ama-South African Music Award (SAMA), wabe eseqala ukumeshela engamazi.

Uthi uthole ukuthi uhlala phesheya e-Europe. Uthi kuthe esebuyele e-Europe lo wesifazane, baqhubeka baxhumana ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwaba bayathandana. Sebeqalile ukuthandada uthi uqaphele ukuthi kukhona okungahambi kahle kulo wesifazane, ebona ekhombisa ukumthanda ngokweqile, ngendela engajwayelekile.

"Bekuba yinkinga uma engifonele wangangithola ocingweni. Ngisho ngisemsebenzini engixina ngezingcingo, bengingasakwazi ngisho ukusebenza - angithumelele ama-sms angitshele ukuthi usezwile ukuthi kangiziphethe kahle," kulanda yena.

UKhetha uthi uze wanquma ukuba agcine emthumelele i-sms lo wesifazane, amtshele ukuba mabayeke ukuthandana ngoba indlela enza ngayo akayithandi. 

"Ngemuva kokuba ngimtshele ukuthi asihlukane kudlule usuku olulodwa wangithumelela isithombe samathikithi ebhanoyi, engikhombisa ukuthi usebhukhile, uyabuya uza eNingizimu Afrika, ufuna sizolungisa uthando lwethu. Angizange ngimphikise yize bese ngimtshelile ukuthi ngicela sihlukane. Kwenzeka konke lokhu nje bengingakaze ngihlangane naye ngokocansi," kuqhuba uKhetha.

Uthi kugcine ngokuthi afike uNkz Gcabashe emzini wakhe wahlala ezinsuku ezine. Uthi nakhona lapho uzamile ukumcacisela ukuthi le nto abazama ukuyilungisa ayilungi, ucela bahlukane. 

Ukhala ngokuthi lo wesifazane ubefuna ukuhlale umbuka emehlweni, engafuni nokuthi aphume endlini.

"Ufike ngesikhathi ngibhizi, ngilungisela indodana yami indaba yesikole. Ubengafuni nokuthi ngenze zonke lezo zinto, akhale ngokuthi kanginaso isikhathi sakhe. Kugcine ngokuba ahambe endlini yami, wavakashela kubo, yilapho engithathe khona isinqumo sokuba ngiphume ngiphele empilweni yale ntombazane ngoba bengibona ukuthi kukhona okungahambi kahle," echaza. 

Ukhetha ufike emahhovisi aleli phephandaba waveza ubufakazi balo wesifazane emcenga ukuthi bangahlukani, kukhona nama-video lo wesifazane etshela uKhetha ukuthi uyamthanda ngeke avume bahlukena, khona nalapho aphinde amsabise khona ngokuthi uzomeneka kwabezindaba uma engafuni ukuba babuyelane.

ILANGA langeSonto lixhumane noNkk Gcabashe obekhala ngokuthi uKhetha uqede ukuzitika ngaye ngocansi wabe esemlaxazisa okwamafinyila eseqedile ukufeza izinkanuko zakhe. 

"Bekumele angangivumeli ukuthi ngize uma ngabe ubevele esezimisele ukuthi ngeke isalunga into yethu. Into emenze wavuma ukuba ngize yingoba ubehlose ukuqale alale nami ngaphambi kokuba angilaxaze.

Ekhuluma naleli phephandaba uNkz Gcabashe uveze ukuthi uze eNingizimu Afrika evumelene noKhetha. Uthi uthole ukuphoxeka uma eKhetha esezithela ngabandayo, engasayingeni ayakhe, engenasikhathi sakhe.

"Ngiyakhala ngemali yami engiyimoshile ngithenga amathikithi ebhanoyi ngizitshela ukuthi ngiza esokeni lami, sizolungisa izinkinga kanti angazi ukuthi ngichitha isikhathi sami.

"Kwenzeka lokhu nje bese ngivele ngizwile ukuthi uKhetha udlala ngamantombazane akanalo uthando, uma eseqedile ukulala nawo uwashiya kanjalo, adlulele kwenye.

"Ngizifake kulolu thando sebengixwayisile kodwa ngangena. Ngiyazisola ngokungabalaleli abangani bami bengixwayisa ngoKhetha, bemsola ngokuba yisoka lamanyala," kusho uNkz Gcabashe.  

UNkz Gcabashe uthi okumkhalisa kakhulu wukuthi umoshe imali yakhe engu-R14 000 egibela eza eNingizimu Afrika. Nakuba uKhetha etshele leli phephandaba ukuthi ubesevele emtshelile ukuba bahlukane kodwa yena uthi bebevumelene ngokuvakashelana.

UNkz Gcabashe naye uyakuqinisekisa ukuthi bebeqala ukuvakashelana noKhetha, selokhu beqalile ukuthandana, uthi bebehlale bexoxa ocingweni ezwakala engumuntu ozimisele ngothando lwabo uKhetha. 

"Bekukuhle siqala ukuthandana, sifonelana sixoxa nasezinkundleni zokuxhumana, kwaze kube indaba isuka ngoba sengiseNingizimu Afrika," kulanda uNkz Gcabashe. 

"Kushinsthile ukudla epulentini uma sengifikile, wakhombisa ukungakujabuleli ukubakhona kwami, engenaso isikhathi sami, ngaze ngathatha isinqumo sokuthi ngivakashela ekhaya eMlazi, ngiwumuntu ozobuya.

"Ngimshayele ucingo ngancama sekufanele ngibuyele endlini yakhe, ucingo lwami engasalubambi waze wangivala nasezinkundleni zokuxhuna ukuthi ngingakwazi ukuxhumana naye. Ngize ngabuyela emuva e-Europe ngingasambonanga nocingo lwami engasalubambi," echaza. 

Leli phephandaba line-video eqoshwe yilo wesifazane wayithumelela uKhetha, efunga egomela ukuthi akukho muntu wesifazane ozomkhipha kuKhetha. Uthi nje ngeke alilahle ithemba, usazolwa.  
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.