Ukhale ngokuthakathwa oshayise umuntu ngemoto

2017-10-02 19:29

Johannesburg - Umshayeli wemoto oshayise indoda eneminyaka engu-41 ubudala uphume emotweni ekhihla isililo ethi uthakathiwe.

Isigameko senzeke ngoMgqibelo ePhase 7, eMangaung.

Kusolwa ukuthi umshayeli obehamba yedwa uhlulekile ukulawula imoto, yabe isiyoshayisa le ndoda ebihamba ngezinyawo nentombi yayo emgwaqeni.

Ozibonele, uMalerato Buso uthe: "Bengime onqenqemeni lomgwaqo ngesikhathi ngibona imoto ebihamba ngesivinini esiphezulu iqonda ngqo kumina.

OLUNYE UDABA:Obebalekela amaphoyisa ushayise umuntu washona

"Umshayeli ube esehluleka ukuyilawula wayoshayisa indoda. Umshayeli ubebonakala sengathi ubecwile ezinkambini zikaFaro, wabe esezwakala ekhala ethi uloyiwe."

Kubizelwe i-ambulensi endaweni yesigameko, indoda elimele yaphuthunyiswa esibhedlela.

Ngesikhathi abezindaba zeDaily Sun bafike endaweni yesigameko, umshayeli, 39, uthe: "Imoto yami ivele yandiza yayoshayisa indoda. Bengingahambi nhlobo ngesivinini esiphezulu. Angizange ngiyishayise le ndoda, kodwa imoto yami ebindiza yiyo eyenze lo monakalo. Akusilo iphutha lami."

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Ikobeng Hlubi uthe kuvulwe icala lokushayela ngobudedengu, umshayeli wemoto ube eseboshelwa khona endaweni yesigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.