Ukhalela elinye ithuba umfundi oxoshiwe esikoleni

2018-02-19 16:00

eThekwini - Ujika nelanga umfundi owaxoswa esikoleni emasontweni amathathu adlule ngecala okuthiwa laqulwa ngonyaka odlule, kubika Eyethu KZN.

Inzima impilo kulo mfundi, 16, wase-Elandskop, obefunda eKuhle Konke Secondary okungavumelekile ukudalula igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe.

Lo mfundi kuthiwa ngonyaka odlule sekuzobhalwa izivivinyo zokuphela konyaka wayehamba nezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi sesishayile isikhathi sokungena kwesikole, watshela lezi zingane ukuthi azosho kothisha ukuthi ziseliwe kanti kukhona uthisha wakulesi sikole ozwayo wabe eseyobikela uthishanhloko waseKuhle Konke.

“Ngaxoshelwa icala elaqulwa ngonyaka odlule, sengingaphandle kwesango lesikole uthishanhloko wafuna ukungishaya nokuyilapho engacosha khona itshe ngenhloso yokumshaya, kodwa ngagcina ngingakwenzanga.

“Ngiyazi ukuthi ngenza iphutha kodwa bengicela elinye ithuba lokubuyela esikoleni,” kusho yena.

Umama walo mfundi uthi wezwa ngodaba lokumiswa kwengane yakhe esikoleni kwathiwa ize nomzali kodwa wangaphumelela ngenxa yokuthi wayebamba amatoho eGoli.

OLUNYE UDABA:Uncishwe ukudla washona umfundi

Wacela elinye ilungu lomndeni ukuba liyomzwela lafika uthishanhloko engekho nokwaholela ekutheni icala liqulwe engekho.

Uthi ingane yashaywa, icala ladlula.

“Ngesonto elilandela elokuxoshwa kwayo nganikela esikoleni wangitshela ukuthi akayingeni indaba yale ngane ihlaza seyize yathatha incwadi eyigunyaza ukuthi iyofunda kwesinye isikole ayihambe,” kusho umama walo mfundi.

Uthi wazama ukuzincengela kuthishanhloko kodwa kwanhlangazimuka nomoya.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uScelo Khuzwayo, ucele ukuthunyelelwa imininingwane yalo mfundi.

“Sizokwenza uphenyo olunzulu ukuze sithole ukuthi ngabe yini inkinga ukuze umfundi abuyiselwe esikoleni,” kubeka uKhuzwayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.