Ukhandwe ngamatshe obengafuni ukubhemisa omunye

2016-07-21 14:31

Harare - Indoda yaseHarare ilwela impilo yayo esibhedlela iParirenyatwa ngemuva kokuba ikhandwe ngamatshe nguzakwabo ngokunqaba ukumbhemisa.

ULovemore Kanyi, 19, ubebhekene necala lokushaya ngesikhathi ivele enkantolo.

OLUNYE UDABA:  Ivideo: Umfundi ephafuza ugwayi ebusweni bathisha

Njengamanje uzogcinwa esitokisini lize liqulwe ngomhlaka-10 Agasti.

Umshushisi uSebastian Mutizirwa ngaphambilini wanqaba ukuba umsolwa athole ibheyili wathi isisulu sisasesibhedlela.

Izinsolo zithi ngomhlaka-16 Julayi ngezithuba zabo-17:00 eParirenyatwa, umangali wacelwa nguKanyi ugwayi.

Inkantolo ilalele ukuthi ummangali watshela uKanyi ukuthi akanawo ugwayi.

Kusolwa ukuthi lokhu kwamucasula uKanyi owaqala washaya ummangali ngenduku.

Kuphinde kwezwakala ukuthi uKanyi wacosha amatshe wangenela ummangali ngawo emshaya kathathu ekhanda walimala waze waphuka nengalo yesokudla, kubika iBulawayo24.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.