Ukhethe ukuyonandisa ngeValentine's Day umculi osafuna intombi

2017-02-04 09:00

Johannesburg - Selusondele usuku lwezithandani kanti umculi we-R&B wakuleli uVusi Nova umatasa ufunana nothando lapho olungakhona.

Lo mculi esinokumuzwa eziculela amaculo othando udalulele abeTshisaLive ukuthi uyafa umzangedwa.

"Ngahlukana nentombi yami ngoSepthemba ngonyaka ophelile ngesikhathi kuphuma i-albhamu yami iNaninina yami kanti selokhu angijoli.

"Ngisalufuna uthando futhi ngiyakholelwa ekuthani lukhona. Nginethemba elikhulu lokuthi ngibekelwe owami," kusho uVusi.

OLUNYE UDABA: Ngangisaba ukuveza ukuthi umama wayene-HIV: Umculi

Lesi sihlabani sithe sifuna umuntu ozithandayo, onesihe, onamaphupho kanti futhi sifuna umuntu esizokhula naye. Inqobo nje uma bezwana futhi nomlilo uvutha.

Njengoba uVusi engajoli uzochitha olwezthandani enandisa eGoli emcimbini obizwa ngokuthi i-Evening of Love.

Kulo mcimbi kuzbe kunandisa noNathi, uNtando, uThami, uTebogo Louw‚ u-Amanda noBongani Radebe eWanderers Rugby Club.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.