Ukhishwe iso umqwayizi kubangwa isoka

2016-07-16 12:58

Bulawayo - Umqwayizi waseNgundu wakhishwa iso ngenyanga eyedlule ngesikhathi ebhaxabulwa uzakwabo kubangwa isoka .

ULetwin Mapope, 34, uvele enkantolo ngecala lokushaya uSaustina Jimson, 23, kubangwa isoka.

OLUNYE UDABA: Ibhungu libulale umngani ngembazo kubangwa ikepisi

Izinsolo zithi ngomhlaka-28 Juni 2016 ngezithuba zabo-23:30 umsolwa wafika endaweni yokucima ukoma i-Edza Power Bar eNgundu wabona ummangali ehlezi nesoka lakhe. 

UMapope wathatha ibhodlela likabhiya waliphihliza wase eqala ehlasela ummangali ngaphambi kokukhipha iso. UJimson wangeniswa esibhedlela la udokotela athi kgona angase angaphinde abone.

UMapope ugcinwe esitokisini, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.