UKhongolose uzobusa kuzekubuye uJesu - Zuma

2016-07-05 17:31

Pretoria – UMengameli Jacob Zuma usephinde amagama akhe wathi i-ANC izobusa kozekubuye uJesu.

UZuma – obehambisana noDavid Makhura, Nomvula Mokonyane, Thoko Didiza, Fikile Mbalula, Mapiti Matsena noKgosientso Ramokgopa – uchithe usuku lwangoLwesibili engena umuzi nomuzi enyakatho yedolobha laseTshwane bekhankasa.

UZuma uthe abantu kumele bakwamukele ukuthi i-ANC izobusa kuzekubuye uJesu.

"Ngiyezwa abantu bekhala uma sithi i-ANC izobusa kuzekubuye uJesu, Sibusisiwe. Sithandazelwe ngabebefundisi,” kusho uMengameli.

Funda nalolu daba: Kudutshulwe amahoyisa amabili omgwaqo

Uphinde wagxeka amanye amaqembu ezombusazwe, ethi abaholi bawo abakhulumi ngamaqembu abo, kodwa bakhuluma kakhulu nge-ANC.

"Kunomfana omncane, noma ngabe yikuphi lapho evula khona umlomo, ukhuluma nge-ANC. Sizozwanini ngeqe,mbu lakhe?”

UZuma uvumile ukuthi i-ANC inezinselelo, kodwa wathi babhekana ngqo nazo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.