Ukhonjwa eGoli "ontshontshe" ingane

2017-10-05 12:43

Durban - Usekhonjwa eGoli owesifazane osolwa ngokuntshontsha indodana kanina eMurchison, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, osekuyophela isonto lesibili enyamalele nayo.

UCharles Nkonyeni, onguyise kaChristopher Khutyiswayo onezinyanga ezingu-9 ezelwe, utshele ILANGA ukuthi kumanje wehla uyenyuka namaphoyisa emigwaqeni yaseGoli uthungatha indodana yakhe okuthiwa yebiwe nguNqobile Ndovela, 19, waseGamalakhe, ePort Shepstone, ozalwa ngudadewabo kanina (uNkonyeni).

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ngeledlule lapho kuvele ukuthi uNdovela ufike ngoLwesihlanu olwedlule evakashile kubo kaNkonyeni sekunesikhathi eside egcinile ukubavakashela.

Kuthiwa ngosuku afike ngalo, ucele ukulala nengane kodwa abazali bayo bamnqabela ngoba beboba ukuthi isencane kakhulu ukuthi ingalala ngaphandle kukanina.

Bamduduze ngokuthi ingane izosala naye ngakusasa uma sebeye emsebenzini. Kuthiwa unina kaChristopher umshiye koyisekazi - odadewabo kayise wengane - okuyibona abajwayele ukuyigada uma yena esemsebenzini.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi eyishiya ingane noNdovela ubekhona.

Kuthiwa sebehambile abazali bengane, uNdovela uphume ekhaya engumuntu ophuthuma eSayidi ehamba nengane watshela oyisezalabayo ukuthi kunomuntu amphuthumisela isikhwama sakhe edolobheni, uzosheshe abuye.

Bathi ngesikhathi ehamba ubadonse ngendlebe ukuthi bangabatsheli abazli bengane ukuthi ubehambe nayo.

Kusolwa ukuthi uNdovela uthathe le nagne ngenhloso yokuyihambisa esokeni lakhe, okukholakala ukuthi ubelikhohlisile wathi ukhulelwe. 

Kuthiwa ngosuku anyamalale ngalo nengane, uthumele umqhafazo sekuntambama exolisa ngokuthatha ingane. Uthembise abazali bayo ukuthi usendleleni uyiphindisela kubo.

Kuthiwa bagcina lapho ukumthola ocingweni lwakhe, luvaliwe akatholakali. Kuthiwa ngesikhathi efona ucingo lwakhe beludonsa eMgungundlovu.

"Ngibuhlungu ngento eyenziwe ngumzala wami ukuthi usengaze angizwise ubuhlungu obungaka, athathe indodana yami engayicelile. Okungiphatha kabi kakhulu, unina kaNdovela uzithele ngabandayo, akakaze azihluphe nakanye ngokubuza ukuthi ingane isitholakele yini nokuthi abambisane nathi sibheke indodakazi yakhe.

"Uzihlalele emzini wakhe, namaphoyisa uma efuna ulwazi ngendodakazi yakhe uwatshela ukuthi akanalwazi," kusho uNkonyeni ebalisa.

Uveze ukuthi uNdovela uyingane ehamba ihlala njengoba kuke kuphele isikhathi eside engaziwa kubo.

"Ngicela abambonayo lapho ekhona baxhumane namaphoyisa aseduze ukuze kuhlengeke indodana yami. Okungikhathaza kakhulu, akazange akuthathe ngisho ukudla kwayo ngesikhathi eyintshontsha, kangazi nokuthi ilala idleni lapho ikhona," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asathungatha umkhondo kaNdovela.

Uthi amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.   

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.