Ukhonjwa kuBafana umqeqeshi olaxaze iqembu isigubhukane

2017-03-23 18:01

Cape Town Sekuvele imibiko yokuthi uRoger de Sa uzomenyezelwa njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe, iBafana Bafana, kulandela ukusula kwakhe isigubhukane njengomqeqeshi weMaritzburg United – kanti kuthiwa uzosizwa uCraig Rosslee.

NgoLwesine, iMaritzburg United ikuqinisekisile ukuthi uDe Sa useshiyile kuleli qembu, ezinsukwini ezingu-72 nje kuphela enkontilekeni yakhe yezinyanga eziyisithupha.

Lo mqeqeshi owayeqeqesha i-Ajax Cape Town ujoyine leli qembu laKwaZulu-Natal ngoJanuwari kunyaka ka-2017 ngemuva kokushiya umsebenzi wakhe ku-Ajax Cape Town. UDe Sa ubalule “izizathu zomndeni” njengesizathu sakhe sokuthi abuyele eKapa.

Ngakolunye uhlangothi, uRosslee ubelokhu eyiTechnical Director kuCape Town City ngaphambi kokuba ayishiye ngesonto eledlule, nalapho uSihlalo weqembu, uJohn Comitis, eye wakuqinisekisa kuKickOff ukuthi ubefuna (uRosslee) ukoyoqhuba izifundo ze-UEFA zokuqeqesha ukuze anyuse amathuba akhe okuqeqesha ku-PSL.

OLUNYE UDABA: Kuphelile obekuhlanganise u-De Sa ne-United

Kodwa-ke iSport24 isithole ukuthi uDe Sa uyena osehamba phambili nozomenyezelwa njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana kanye nokuthi uzoletha uRosslee ukuba abe ngumsizi wakhe.

Esikhathini esingaphambilini uDe Sa wahlangana ne-SAFA ukuxoxa ngeqhaza angase alibambe ngaphakathi kule nhlangano – njengomqeqeshi weBafana noma njengomqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu-23.

Kodwa-ke omele uDe Sa, uSteve Kapeluschnik, utshele iTimesLive ukuthi: “Ukusula kwakhe akuhlangene nokuxhumana kwakhe neSAFA noma ngabe ubani ngomsebenzi wokuqeqesha.”

Ngakolunye uhlangothi, iSAFA isikuqinisekisile ukuthi izomemezela umqeqeshi omusha weBafana Bafana ngemuva komdlalo wobungani ne-Angola, nozodlalwa ngomhlaka-28 kuMashi, ngoLwesibili. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.