Ukhonjwe indlela umlingisi woMuvhango

2018-03-06 14:02

eGoli - UBrian Themba ongumlingisi emdlalweni kamabonakude ongaconsi phansi kwabaningi uMuvhango, usekhonjwe indlela.

Lo mbhali nomhleli wezingoma oseke walingisa emidlalweni efana neGenerations kanye neThe Lion King kuthiwa uxoshiwe kulo mdlalo okhonjiswa ku-SABC 2.

Lo mculi ubedlala indawo kaRanthumeng Mokoena kanti amahlebezi athi ukuxoshwa kwakhe kulandela ukushiya kukazakwabo abelingisa naye uSindi Dlathu, obedlala indawo kaThandaza Mokoena.

Umthombo opotshozele abeDaily Sun uthe: "Bekunzima ukuqhubeka nomlingiswa wakhe njengoba ubesebenzisana kakhulu noThandaza. Ophrojusa bebebhekene nobunzima bokugcina indawo yakhe kulezi zinyanga ezedlule yize bekubonakala ukuthi akulungi kanje njengoba engasekho uThandaza."

OLUNYE UDABA: Uthi ufuna ukubuyela esikoleni uDJ wakuleli

Lo mlingisi usaqhubeka nokusebenza kodwa umlingiswa wakhe uzoshabalala kungekudala.

Ngesikhathi abezindaba bezama ukuxhumana noThemba, leli geza lensizwa liwavumile amahlebezi kodwa alithandanga ukuphumela obala ngemininingwane.

"Umuntu eningakhuluma naye ngalolu daba yilowo osebenza njengomxhumanisi wabezindaba kuMuvhango. Okwamanje sisahlela indlela ehlelekile yokuphuma kulo mdlalo."

URanthumeng akuyena yedwa ophumayo kulol mdlalo njengoba noVusi, olingiswa wuRaphael Griffiths, kanye noNqobile Ndlovu (odlala indawo kaBongi), yena uzojoyina uhlelo olusha lwe-e.tv, Imbewu (The Seed).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.