UKhoza udinwe uyaveva ngo-Ertugral

2016-11-03 11:34

Durban - Udinwe uyaveva u-Irvin "Iron Duke" Khoza onguSihlalo we-Orlando Pirates ngalokho akubiza ngokuhlanjalazwa emphakathini nguMuhsin Ertugral obecija le kilabhu okulindeleke ukuba ibanjwe okwesikhashana ngu-Augusto "Njenje" Palacios, kubika iphephandaba ILANGA.

U-Ertugral uthelwe ngehlazo yiSuperSport United kuba ngu-6-1 kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku eMbombela Stadium, maqede wamemezela kumabonakude ukuthi uphonsa ithawula kumaBhakabhaka. Utshele abezindaba emuva kwalo mdlalo ukuthi uzoxhumana noKhoza ukumazisa ukuthi uyasula emsebenzini ngenxa yokuhlonipha ibheji lale kilabhu.

UKhoza ubize abezindaba izolo ngoLwesithathu emini eGoli lapho echaze khona ukusuka nokuhlala ngesimo salo mqeqeshi nesekilabhu imbala.

"Ngabo-3 entathakusa umqeqeshi ungithumelele i-email engazisa ukuthi uyesula emsebenzini. Ngiphoxekile ngesenzo sakhe ngoba umemezele kumabonakude. Bengilindele ukuthi anginike ithuba kuqala, angichazele njengomuntu omnike ithuba. Ngiyakwamukela ukwesula kwakhe, ngimufisela inhlanhla.

"Nokho ngeke ngimuyeke nje kalula kanjalo. Ngisazohlalela inkontileka yakhe ngiyifunde ukuze ngibone ukuthi akaphulanga mthetho yini kuyona. Njengamanje sisazobheka ngaphakathi ekilabhini ukuthi ngubani ozoqhubeka nezintambo kuze kube nguZibandlela (December). Ngizocela uPalacios ukuba abambe okwesikhashana, ngethemba ukuthi uzovuma.

OLUNYE UDABA: UBenni uthi kukhona okushaya amanzi kwiPirates

"Ozovuma ukubamba izintambo nguyena ozonquma ukuthi uyabahlalisa yini ebhentshini uBradley Carnel obengumsizi womqeqeshi noRowen Fernandez. Inkontileka ka-Elsa Storm obesethimbeni labaqeqeshi ibithi uma kuhamba u-Ertugral naye uyahamba.

"Kodwa-ke simubhalele incwadi ukumubuza ukuthi uzomisa kanjani. Ngiphoxekile ngokwenziwe ngu-Ertugral, ngeke ngikufihle lokho ngoba bekusenodaba lwakhe no-Edwin Gyimah obekusafanele silulungise oluzosala lulenga," kusho uKhoza.

Uqhube ngokuthi nabadlali ngokunjalo kusazofanele bamunike incazelo ngokwenzekile.

"Abalandeli bangangifakazela ukuthi sithenge abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Umqeqeshi wethu ubengenankinga ngalapho. Kodwa-ke okwenzekile sekwenzekile impilo kufanele iqhubeke. Ngisazohlangana nabadlali bangichazele ukuthi kwenzakaleni kulo mdlalo, kangifune muntu ozovika ngesimo sezulu ngoba womabili amakilabhu abedlala kusona.

"Sigcine ukuphoxeka ngalolu hlobo ngowezi-1990 sihlulwa ngalolu hlobo (yiMamelodi Sundowns). U-Ertugral ube yivaka. NoGordon Igesund esangumqeqeshi wethu wayefuna ukusula kodwa ngahlala naye phansi waqhubeka nomsebenzi wagcina enqobe isicoco seligi, waba yiqhawe. Kwazi bani ukuthi bekuzogcina kwenzakaleni ngokuphela kwesini," kubuza uKhoza.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.