UKhoza usabheke iligi kwiPirates

2017-01-30 10:01

Johannesburg - USihlalo we-Orlando Pirates uDkt Irvin "Iron Duke" Khoza usenethemba lokuthi ezakhe zisengakwazi ukunqoba isicoco se-Absa Premiership ukugubha ngesitayela esihle iminyaka engama-80 le kilabhu yasungulwa, kubika iphephandaba ILANGA.

UKhoza uzwakalise lokhu yize le kilabhu isiqede cishe izinyanga ezintathu ingenaye umqeqeshi emuva kokuba lesi sigqiki silaxazwe nguMuhsin Ertugral emuva kokuba le kilabhu ithelwe ngehlazo yiSuperSport United kuba ngu-6-1 koweligi.

Izintambo zibanjwe okwesikhashana ngu-Augusto "Njenje" Palacios obhekene nokuthuthukiswa kwabadlali kweZimnyama.

Kubhekwe ngabomvu ukuthi ngubani ozoqhoqhobala lesi sigqiki njengoba kukhalwa ngokuthi siyashisa. UKhoza kulindeleke ukuthi amemezele umqeqeshi omusha maduzane.

UKhoza uthe: "Baningi abaqeqeshi esibagaqele. Sizama ngawo wonke amandla ukuthi sigcine sithole oseqophelweni eliphezulu. Ababili ngabalapha eNingizimu Afrika bese kuthi bonke laba abanye ngabangaphandle. Into esimise kabi wukuthi abanye banamakilabhu kanti abanye balolonga amaqembu esizwe. Okwamanje akukho engingakusho ngaphandle kokuthi sizama ngazo zonke izindlela ukuthola umqeqeshi ozobuyisela le kilabhu esicongweni."

OLUNYE UDABA: Angikazuthwa ngokwanele ukuqeqesha iBafana - Benni

Ugcizelela ukuthi akakaliphonsi ithawula ngesicoco seligi.

"Isicoco seligi sisengasinqoba. Into ebalulekile wukuthi sinqobe imidlalo emithathu ezayo bese sibuyela embangweni waso. Lo nyaka umqoka kithina njengoba sigubha iminyaka engama-80 ikilabhu yasungulwa. Ngakho-ke kufanele sinqobe okuthile.

"Njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje sisayinise abadlali ababili basemuva uJames Okouso noMarc van Heerden. Inhloso wukuqinisa emuva, kasibahle kahle khona sivuzise inqwaba yamagoli. Nginethemba lokuthi izinto zizolunga," kusho uKhoza.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.