UKhozi FM luyaqhubeka nokuhamba phambili kuleli

2016-12-03 13:28

Cape Town – Umbiko odedelwe yiBroadcast Research Council of South Africa utshengisa ukuthi yiziphi iziteshi zomsakazo ebezithakaselwe kakhulu kulo nyaka ka-2016.

Umsebenzi weBroadcast Research Council of South Africa's (BRC) ukuqapha indlela imisakazo nomabonakude abawenza ngayo umsebenzi ukuze bafinyelele kubalaleli.

Embikweni we-BRC, obubheka isikhathi esiphakathi kukaJanuwari noSepthemba, kusetshenziswe abalaleli abangu-53 396 ngesikhathi kuzwiwa amanzi ngobhoko kulolu cwaningo.

Lo mbiko uhlawumbisela ukuthi babalelwa ku-38.3 million abantu baseNingizimu Afrika abalalela umsakazo.

Uqhuba ngokuthi abantu abayisilinganiso sika-60% abalalela umsakazo basezindaweni ezosemadolobheni amakhulu, u-20% esemadolobheni amancane, kanti omunye u-20% usezindaweni ezisemakhaya.

Ngokusho kombiko oqoqiwe, u-64% wabalaleli bawa bevuka nesiteshi esisodwa.

Kuhlanganiswa lo mbiko kusetshenziswe imisakazo, omakhalekhukhwini, omabonakude kanye nama-computer.

Nazi iziteshi ezingaconsi phansi kubantu kuleli njengamanje

1. Ukhozi FM

2. Umhlobo Wenene FM 

3. Metro FM 

4. Lesedi FM 

5. Thobela FM 

6. Motsweding FM 

7. RSG 

8. Gagasi FM 

9. Jacaranda FM 

10. Ikwekwezi FM

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.