Ukhuthaze abafundi ngokubaluleka kokuhlonipha impilo uMfundisi uZondo

2018-02-15 16:01

Durban - UMfundisi uSithembiso Zondo ukhuthaze abafundi ukuthi baziphathe kahle, futhi bengakhohlwa yila bephuma khona ukuze bakwazi ukushintsha izimpilo zabo, baphinde bavulele iminyango labo abeza emuva kwabo.

Lo mfundisi wodumo lwezinkulumo ezakhayo emsakazweni Ukhozi FM, owake waba sematheni ngemuva kwe-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ngo-2015, lapho uZondo abonakala khona ehamba ngesudi yesele edlalisa isitho sakhe sangase, uphonsele inselelo abafundi.

Ukwenze lokho emcimbini lapho iMeya yaseZululand, uThulasizwe Buthelezi, ibinikezela abafundi baseMondlo Secondary abenze kahle imifundaze yokuyofunda emanyuvesi. 

"Kumele uzazi ukuthi ufunani empilweni, ziningi izilingo la ngaphandle kodwa kumele uzithibe futhi ungakhohlwa la uphuma khona.

"Mina ngakhula kanzima nasesikoleni ngishawa njalo ngenxa yokuthi ngangingenazo izincwadi zokufunda. Kumele ubekezele ukuze ukwazi ukuthi uphumelele, ukhohlwe yizinto zasemhlabeni ngoba zizokukhuba," kusho uZondo. 

OLUNYE UDABA:Wonke umuntu unelanga lakhe - Umfundisi uZondo

Imeya nayo ayisalanga ngaphandle njengoba iphonsele inselelo ebafundi yathi kumele babuye bezosebenzela lo masipala njengoba beshoda kakhulu emikhakheni eminingi.

Bangu-50 abafundi abahlabene ngemifundaze yokuyofunda emanyuvesi kulo nyaka.

Kwesinye zezinto ezithintwe kakhulu yimeya wuukushoda kwabasebenzi emikhakheni okubalwa kuyona onjiniyela, abacwaningimabhuku, ochwepheshe bamanzi kanye neminye imikhakha.

"Kule mikhakha engiyibalile sishoda kakhulu, sifuna ukugcwalisa kule mikhakha esishoda kuyo njengoba sikhipha le mifundaze, abafundi bazimisele ukuze bakwazi ukungena kulezi zikhala.

"Sifuna bazimisele ukuze bakwazi ukuzosiza futhi kulo masipala ngesishoda ngakho.," esho.

Uphinde wancoma kakhulu izikole ezingu-12 zalesi sifunda ezithole u-100% kumatikuletsheni, wacacisa ngokuthi bazozeseka ukuze abafundi abafunda kuzo bangahlali emakhaya kodwa baqhubekele phambili ukuze bezokwazi ukusiza abanye abafundi abasemuva kwabo.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.