UKhuzani uthi yobe kubalandeli bakhe

2017-10-15 12:32

Durban - Sizimisele ngokuxolisa kubalandeli baso isilomo sikamasikandi ngemuva kokuba sehlulekile ukufika emcimbini obungempelasonto edlule oGwini Sports and Leisure, ngaseMargate, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

UKhuzani "Indamlenze" Mpungose bekufanele anandise emcimbini, Isiqhatha Izinkunzi Maskandi Festival, kodwa wangalubhada.

Baphoxekile abalandeli bakhe abebekhona kulo mcimbi, abebedlubhe imibala e-blue njengenjwayelo, belinde isilomo sabo kodwa singabonwa.

USifiso Ndimande, ongomunye wabahleli bomcimbi, uvumile kwiLANGA LangeSonto ukuthi uKhuzani akafikanga emcimbini.

OLUNYE UDABA:Kusuke isidumo kwaqhuma nempama kowomasikandi ngenxa ka'Saaah'

"Ufonile sekuntambama samtshela ukuthi akangabe esazihlupha ngoba umcimbi usuphelile. Kulo mcimbi inkunzi zidlale kusakhanya ngesizathu sokuthi bezijahe komunye umcimbi iMvunge Maskandi Festival obukwaDukuza eStanger ngosuku olufanayo," kusho uSofiso.

Ukuqinisekisile futhi uSifiso ukuthi uKhuzani uyibuyisele emuva yonke imali abesekhokhelwe yona yokucula kulo mcimbi kodwa wale waphetha ukudalula isamba, wathi akafuni ukona ubudlelwane anabo nenkampani yeZingane zoMa asebenza ngaphansi kwayo uKhuzani.

NoKhuzani ekhuluma naleli phephandaba uvumile ukuthi impela bekumele abe kulo mcimbi kdwa ngenxa yokumpintsheka wagcina engasakwazanga ukya.

Uthi ngaloluya suku bekunemi-cimbi emithathu obekumele anandise kuyo obuseGreytown, obuseStanger nalowo agcine engasaphumelelanga kuwo.

"Ngithe ngiyafona abahleli bomcimbi bangibikela ukuthi usuphelile umcimbi ngase ngibabuyisela imali," kusho yena.

UKhuzani uthe uhlela ukuhlangana nabalandeli bakhe, axolise kahle ngokungaphumeleli kwakhe emcimbini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.