UKhuzani uyibheke ngabomvu indondo yama-SAMA

2017-05-26 14:02

Durban - Isifikile impelasonto ebilindwe ngabomvu embonini yezomculo lapho kuzokhethwa khona abaculi abahamba phambili kuleli.

Kulo nyaka, ama-South African Music Awards abuyela ekhaya elikhulu eSun City kule mpelasonto.

Lo mcimbi uthathelwa phezulu embonini yomculo njengoba uqhakambisa umsebenzi omuhle wabaculi, ophrojusa kanye nabo bonke abasebenza kule mboni.

Abahleli balo mcimbi bathi abathandi bomculo kumele balindele ezibukwayo njengoba kuhlelwe izinto ezinhle zodwa uma sekunandisa uMaskandi, i-Afro pop kanye ne-hip hop.

UNhlanhla Sibisi oyisikhulu sakwaRiSA uthe: “Sinithembisa ubukhazikhazi obusezingeni eliphezulu. Akungabi bikho ozophuthelwa wukubona umsebenzi omuhle ohlanganiswe yithemba lethu.

“Kuzoba wusuku lwezimanga kanti futhi kuzoqopheka umlando embonini yezomculo, umlando ozoxoxwa yizizukulwane nezizukulwane ezizolandela.”

OLUNYE UDABA:Asebuyele ‘ekhaya elidala’ ama-SAMA Awards

Umculi kaMaskandi ogama lakhe liphakanyiselwe indondo ka-Best Maskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose uthi kuzoshiyana ukwenza kulo mcimbi.

Lo mculi ukhuthaza bonke abathandi bakaMaskandi ukuba bameseke njengoba impumelelo yakhe, yimpumelelo kaMaskandi wonke.

Kodwa akayedwa uKhuzani kulokhu ngoba kuboshelwe ngabaculi abafana neMfez'Mnyama - Monalisa, uShwi noMtekhala -kwabhalw'etsheni, uThokozani Langa - Amabhrazo, Imithente - Siyawuvala umlomo, kanti uKhuzani yena ungene ngeNyoni yomthakathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.