UKhuzani uzosebenza nentokazi yakwaHlabisa

2017-04-03 19:32

Durban - Uthole ithuba eliyinqayizivele umculi wakwaHlabisa njengoba ethole izipho ezinkulu ezimbili ngesikhathi esisodwa.

Kufezeke iphupho likaZinhle "Tsunami" Mdluli, 19 uthengelwe wuMasipala wakwaHlabisa isiginci sikanokusho.

Umasipala wakulendawo umthengele isiginci kanye nomshini wokusabalalisa umsindo konke okubize u-R35-000. Lena ngeye yezinhlelo zokusiza intsha yakulendawo ngokuthi umasipala ungenelele ngokuxhasa ngabakudingayo.

Le ntokazi eyenza ibanga leshumi ishaya ushuni wamadoda kumculo kaMaskandi kanti futhi izoqopha ingoma nomculi kaMaskandi oyintandokazi uKhuzani “idlamlenze” Mpungose.

UMdluli ujabule ngendlela naye engeke aze ayichaze, njengoba emasontweni adlule wayekuKhozi FM ohlelweni luka Bongani Mavuso ekhuluma ngezingqinamba ahlangabezane nazo kulomkhakha womculo.

Uthi akakwazi ukulinda ukuqopha ingoma nalesihlabani sikamasikandi esesibizwa ngenkosi yomaskandi njengoba ewole zonke izindondo ezithathwa njenzimqoka emculweni kamasikandi emcimbini waMantshontsho kaMasikandi Awards ngoMgqibelo ebusuku.

OLUNYE UDABA:Amantshontsho kaMaskandi: Ushanele ezibaluleke zodwa uKhuzani

Ubonge kakhulu uBhodobhodo owayedlalela indidane isiginci ngokuthi amfundise sidlalwa kanjani, uthi bahambe imicimbi eminingi wafunda khona okuningi ngesiginci.

"Ngiyabonga kumkhandlu nehhovisi leMeya abangithatha bangihambisa oKhozini baphinde bangithengela isiginci, iphupho lami ukuthi ngifinyelele ezingeni likaKhuzani ngoba vele isitayela sami esezinkabi," kusho uTsunami.

IMeya uVelenkosini Hlabisa ithi bafezekisa isithembiso abasenza kuqala unyaka ukuthi bazothuthukisa ezobuciko, ezemidlalo, ezokuvakasha, ezemfundo nezamabhizinisi kakhulukazi entsheni.

"Sinesikhwama semali ebhekele ezemfundo esingu R1,3 Million. Siqalile ke ngokuthi sixhase abafundi abayofunda emanyuvesi ngesamba semali engu R800 000."

"Sathatha R300 000 saxhasa labo abangakwazanga ukuthi baye emanyuvesi ukuthi bafunde ekolishi, manje ngoMeyi sizoxhasa ngoR200 000 labo bafundi abangaphasanga kahle ngokubenzela izincwadi zokushayela," kusho imeya uHlabisa.

Uphethe ngokuthi bona bayakholelwa ekutheni ithalente lomuntu lihambisana nemfundo Futhi baxhasa wonke umuntu ngokungachemi napolitiki.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.