Ukhwele wadilika kuma-agent uJomo Sono ewabiza ngezimbungulu

2017-01-30 16:00

Durban - Ukhwele wadilika kuma-agent abadlali bebhola u-Ephraim "Jomo" Sono ongumnikazi weJomo Cosmos egijima kwiNational First Division (NFD) ephakela isigaba se-Absa Premiership ngamakilabhu asevuthiwe.

USono uthi usewubambe kahle wonke umqondo wokuncela igazi labadlali oqhutshwa ngama-agent kuleli.

Lokhu ukusho ngoLwesihlanu ekuseni emcimbini wokwethulwa kwesikhwama sokusiza uCedric "Sugar Ray" Xulu obengumdlali wale kilabhu osexinwe wukugula.

USono uthi akazenyezi ngokuzondwa ngama-agent abadlali ngoba ngisho nawo uwatshela eziqwini zamhlelo ukuthi aphilela ukuncela igazi labadlali.

OLUNYE UDABA: Halala: UJomo Sono uhlonishwe ngeziqu zobudokotela

Ubephawula ngesikwati samaJita (SA U/20) esibizwe nguThabo Senong ongumqeqeshi akubeke kwacaca ukuthi ubophele abadlali angabazi kwayena. Uthi ubize abadlali abangaziwa.

"Kuyacaca ukuthi umqeqeshi wethu ufunzwe ngama-agent ukuthi makabize baphi abadlali. Mina ngisebholeni kodwa kangibazi abadlali ababizele esikwatini.

“Kangisazi manje ukuthi yikuphi okumele kwenziwe ukulwa nomkhuba wokungcola kwama-agent ebholeni.

Lo mqeqeshi uqhubeke wathi abaqeqeshi kanye nabanikazi bamakilabhu kumele bakwazi ukushaya phansi ngonyawo bangalutheki kakula, kubika iLANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.