UKomphela ‘udidekile’ ngokuba neshobolo kweChiefs

2017-08-15 14:00

Cape Town – Umqeqeshi weKaizer Chiefs, usevumile ukuthi naye akazi ukuthi kungani ikilabhu yakhe idlala kahle, kodwa bese iba neshwa lokungayitholi imiphumela emihle.

Amakhosi adlale kahle umdlalo wangoMgqibelo kusihlwa lapho egcine eshaywa yiSuperSport United ngo-1-0, kodwa ahlinzelwa ezibini yigoli lomgadli weSuperSport, uJeremy Brockie.

Yize noma abeliphethe ibhola futhi ashaya ipali izikhawu ezintathu, amaGlamour Boys awazange esakwazi ukubuya ngemuva kokuthi uBrockie evalele leli goli ngesiwombe sokuqala.

OLUNYE UDABA: Pitso: UBilliat ufuna ukuyishiya iSundowns

“Kuyadida. Senze yonke into kahle, sidlale ngendlela yeChiefs kodwa igoli livele nje langaya enethini. Uyabangabaza abadlali? Hayi nakancane,” uKomphela utshele iSowetan.

“Uma ngabe ungayilethi imiphumela emihle kuba nzima ukuqhubekela phambili. Abadlali bayawakha amathuba, kodwa asiyibhakuzisi inethi.

"Ngale kokuhlulwa, abafana kumele ukuba bazijabulisile. Kumele sigqugquzele lezi zingane ukuze ziqhubeke nokuphusha.”

IChiefs izobhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni wayo wokuvula wePremiership ngeSonto (mhlaka-20 Agasti) eFree State Stadium, eBloemfontein. Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.