UKomphela ukholelwa ukuthi liqhakazile ikusasa leChiefs

2017-07-31 13:58

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela ukholelwa ukuthi isisu seChiefs sichichima ithalente njengoba uKhotso Malope , uWiseman Meyiwa noNkosingiphile Ngcobo bonke besalinde ithuba.

Kulandela ukubonakala kwiMaize Cup emasontweni edlule, uMalope uphinde wadlala kowomkhaya baseSoweto emqhudelwaneni weCarling Black Label Champion Cup.

Ngemuva kokungena ngomzuzu ka-88, uMalope wenze isiqiniseko sokuthi uyazibonakalisa ngesikhathi esincane asitholile futhi kube yishwa nje ukuthi kuphhele engenalo igoli alivalele phakathi.

OLUNYE UDABA: IPirates ilande umdlali ebimbolekisile

"Ngiyaphinda futhi, umdlali engizombalula kakhulu uMalope. Ungene wenza umehluko enkundleni, wenze kahle kakhulu,” kusho uKomphela.

"Bekumele alithole igoli kodwa okukodwa nje okungihlabe umxhwele ukuthi ngemuva kokuhlulwa yithuba, akazange adikibale.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uchithe isizini edlule ebolekiswe kwiThanda Royal Zulu kwiNational First Division.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.