UKomphela uthi akayindawo kulandela isibhaxu

2018-04-08 13:29

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela umile kwelokuthi ngeke esule emsebenzini yize yanda eyabathi bamfuna ehambile eNaturena kulandela ukubhaxatshulwa kwezakhe ngo-3-0 yiChippa United.

“Ngeke ngibaleke‚” esho ngemuva kokuthi yena nabadlali bakhe bephume ngesamagundane abalandeli bebajikijela ngemfucuza enkundleni i-FNB Stadium ngoMgqibelo.

"Angisiyo le nhlobo yomuntu obalekayo uma izinto sezibheda. Uma ungumuntu futhi uziqhenya ngomsebenzi wakho kumele wazi ukuthi ukuzinikela kuyingxenye yomsebenzi.”

Kuze kwadingeka ukuthi amaphoyisa aqaphe isimo esangweni laseSoccer City njengoba abalandeli bebesho ukumudla luhlaza uKomphela kulandela ukuhlulwa bedlala ekhaya.

“Kumele ubekezele ukwazi ukubhekana nesimo noma sekunzima,” kusho uKomphela.

Kubikwa ukuthi kuthinteke umdlali oyedwa kulesi sigameko, nokho okuyimibiko engaqinisekiswanga.

UKomphela uvumile ukuthi akwamukelekile ukuthi bathelwe induku ngalolu hlobo, kepha wathi lokho akusho ukuthi usephonse ithawula.

"Kubalulekile ukuthi ungaphazanyiswa yizinto kalula futhi ukulindele ukugxekwa uma izinto zingasahambi kahle ngoba lokho kuyingxenye yebhola. Uma ungumqeqeshi kumele umelane nazo zonke izimo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.