UKomphela uvikela uKatsande ngokushweba iphenathi

2017-03-06 09:30

Cape Town – Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, uyavuma ukuthi ezakhe ngabe ziziwinile kakula nje emdlalweni womkhaya nalapho bezitholene khona phezulu nezimbangi ezinkulu i-Orlando Pirates, kodwa wanqaba ukugxeka uWillard Katsande ngokuthi uyena obenzele phansi.

UKatsande ubelokhu eyingxenye yeqembu leChiefs kumasizini amathathu edlule kanti usebe nguKaputeni kaningana uma engekho uSiphiwe Tshabalala kanye no-Itumeleng Khune.

Lo mdlali weqembu lesizwe eZimbabwe ushwebe iphenathi ebalulekile ngomzuzu ka-82 nokwenze umdlalo wagcina uphele zibambene ngo-1-1 ngemuva kwegoli lokuvula laJoseph Molangoane kanye nomkhonto ogwaze ekhaya kaTsepho Masilela ngomzuzu ka-32.

OLUNYE UDABA: Ngifuna ukuxoxela abazukulu ukuthi sashaya iChiefs - Jonevret

“Besingawunqoba lo mdlalo, umuntu kumele akhulume iqiniso elimsulwa, yize noma bekunezingozi eziningi.

“Mayelana nomphumela womdlalo, senze kahle. Sikhombisile ukuthi sifuna ukuwina umdlalo, kodwa besingenawo umuzwa wokunqoba. Iphenathi okumele uyithathe.

“Kodwa abadlali bayawashweba amaphenathi, uyishwebe nje ngesikhathi esimbi futhi uya ekhaya kungu-1-1, ujabulile ngemiphumela? Awukwazi ngoba lona yilona obekukumele uwuwine,” kusho uKomphela egcizelela ngokuthi amathuba afana nalawa kumele uwasebenzise nakanjani.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neStellenbosch FC ne-Athlone Stadium kumqhudelwano we-32 Nedbank Cup ngesonto, ngoMashi mhlaka-12.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.