UKomphela uzwa ingcindezi kwiChiefs

2016-11-25 13:39

Johannesburg – Umqeqeshi weKaizer Chiefs obhekene nengcindezi, uSteve Komphela, uyavuma ukuthi kuningi okulindelekile uma ungumqeqeshi waMakhosi.

IChiefs isanda kudlala ngokulingana neSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership e-FNB Stadium ngoLwesithathu.

Leli qembu selidlale imidlalo emihlanu lilokhu lihluleka ukuwina nosekwenze ukuthi abanye babalandeli bafune ukuthi kuxoshwe uKomphela.

OLUNYE UDABA: Ku-Chiefs yizicoco ezibaluleke kakhulu: Komphela

Kodwa-ke lo mqeqeshi uthi akazukugxila kosekwedlule ngoba ezasePhefeni zibheke ukuya phambili.

“Noma ngabe uyakuthanda noma cha ukudlala ngokulingana akwanele kwiChiefs, kumele ulokhu uwina.

“Futhi ngokusobala lapho sihleli khona kuyimanje kunokuningi okusamele kwenziwe.

“Ebholeni kumele ugxile emsebenzini wakho, awukwazi ukuphazamiseka akukhathalekile sithini isimo.

“Ngakho kumele siqhubekele phambili bese sixazulula izinkinga bese isimo sethu siyashintsha.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.