Durban - Usinde ngokuthi akotele esihlahleni ahlale khona kuze kube kufika abatakuli owesilisa obesepulazini elingaphandle kwaseMhlali, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.
Lo nogada ubeqaphe impahla yokusebenza kuleli pulazi ngesikhathi ebona izinga lamanzi lilokhu likhuphuka, kubika iNorth Coast Courier.
OLUNYE UDABA: Kusolwa isimo sezulu kuphenduka imoto
“Ube esebalekela esihlahleni ebesiseduzane, waqhwakela kuso amahora amabili ngaphambi kokuba kushayelwe abe-IPSS namaphoyisa angabatakuli," kusho okhulumela i-IPSS Medical Rescue, uDylan Meyrick.
“Amaphoyisa asebenzise isikebhe esifuthwayo ukuyokwethula le ndoda emthini ebigibele kuwo. Ibigodola, kodwa isesimeni esigculisayo."