Ukube yindodana yami eyadubula uSenzo ngangizoyibophisa - Chicco Twala

2018-02-08 14:02

Johannesburg - Kulandela ukuvumbuka kwezinye izinsolo ngokushona kukaSenzo Meyiwa ezinkundleni zokuxhumana, inkakha kwezomculo uChicco Twala useziphebezile izinsolo ezibandakanya ukuthi kwasetshenziswa isibhamu sakhe ukubulala lo nozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Konke lokhu kwaqutshulwa ngumuntu ozibiza ngo-@AdvBarryRoux kuTwitter lapho aveza khona ukuthi indaba yokubulawa kukaSenzo yasuswa yizidakamizwa, kwaholela ekutheni kuphume isidumbu.

UBarry waloba wathi yiningi inkohlakalo eqhubekayo mayelana nophenyo ngokubulawa kukaSenzo, futhi baningi abantu abazama ukugqiba lolu daba. Waphinde wazwakalisa ukuthi indodana kaTwala, uLongwe, yiyo eyadubula isebenzisa isibhamu sikayise.

Nokho leli khasi likaRoux kuthiwa lijwayele ukukhipha izindaba ezingamampunge.

Ukukhuluma kukaRoux akubathusanga abantu abaningi njengoba nobaba kaSenzo, uSam Meyiwa, emile kwelokuthi kukhona ulwazi olunyathelwa ngezinyawo mayelana nokubulawa kwendodana yakhe.

Ekhuluma ohlelweni lukaMasechaba Ndlovu noMo Flava kwiMetro FM, uTwala uthi kuyaxaka ukuthi kube nezinkulumo ezinje ngoba yena akahlukani nesibhamu sakhe.

OLUNYE UDABA: Isiqale phansi kwezokuxhumana eyamahlebezi ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa

"Isibhamu sami sasingalahlekile, sasikimina njengamihla yonke. Ngasithola ngo-1989 lesi sibhamu futhi angihlukani naso."

Uthi ngosuku okwabulawa ngalo uSenzo, wathola ucingo oluvela kuKelly Khumalo emtshela ukuthi sekudutshulwe uSenzo.

"Ngabe sengibabela khona endaweni yesigameko ngathola uKelly, uLongwe nomngani kaSenzo abakhula naye. USenzo wayelele phansi ngathi uma ngibuza ukuthi kwenzekeni bathi bangenelwe abantu ababili bazama ukubagebenga," echaza.

Uthe akafuni ukukhulumela indodana yakhe ngoba yindala.

"Ukube uLongwe nguye owadubula uSenzo ngangizombophisa, ngiyakuthembisa Masechaba, ngangiyoba ngumuntu wokuqala ukusukuma angikhathali ukuthi uyindodana yami, kepha uma kungukuthi wabulala uSenzo ngangizoqinisekisa ukuthi uya ejele," esho.

Uthe akucelayo ukuthi abantu bangamfaki kule ndaba ngoba wayengekho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.