Ukubekezela kuzala impumelelo, kusho ophumelele kunzima

2017-05-18 18:03

Durban – Uma exoxa ngempilo yakhe uLwandile Mapuza uyezwakala ukuthi akazidabukeli, kunalokho uphokophelele kokukhulu empilweni.

UMapuza, 25, udabuka eGcuwa, e-Eastern Cape, kodwa manje usezinze eKapa.

UMapuza ushukumise izinkundla zokuxhumana ngemuva kokufaka isithombe sakhe eqeda kwethweswa iziqu, emi nomama wakhe.

Lesi sithombe sibe nedumela abantu babelana ngaso ezinkundleni zokuxhumana, kwaphetha ngokuthi uMapuza athole umfundaze enhlanganweni engenzi nzuzo, i-Angel Network.

Uthi uzoqhubeka nezifundo zakhe enze iHonours in Taxation.

Impilo ayikaze ibe lula

UMapuza uthi benomndeni wakhe bafike eNyanga, eKapa, ngo-1999, beyozama impilo enngcono besuka eGcuwa.

“Safika eNyanga ngo-1999 ngemuva kokuthi umama eseshade nomunye umuntu. Impilo yayingemnandi neze njengoba sikhule sihlala emjondolo.

“Umama akasebenzi ngenxa yokuthi uyagula. Sisizwa yisibonelelo sikahulumeni esitholwa yizingane zasekhaya ukuba siphile. Ngingasho nje ukuthi sikhule kanzima,” echaza.

OLUNYE UDABA: Wethweswe iziqu zeLaw okhule kubo bepatanisa

Uthi ngesikhathi ephothula umatikuletsheni wabhalisela ukufunda eCape Peninsula University of Technology ngo-2011 kepha wangakwazi ukufunda ngoba wayengenayo imali yokubhalisa.

“Ngahamba ngayozama amasenti okubhalisa, ngathi uma sengibuyela emuva ngatshelwa ukuthi isikhala sami sesivalekile. Kwaphoqeleka ukuthi ngihlale ekhaya unyaka wonke.”

Ukubekezela

Uthi lokho akuzange kumdikibalise njengoba ngonyaka olandelayo waphinde wafaka isicelo sokufunda e-University of Cape Town.

“Nebala bangamukela ngase ngifunda ngosizo lweNSFAS ngenza iBachelor of Business Science le ebingigogoda kuyo. Impilo ayizange ibe lula ngoba ngingene enyuvesi ngingakaze ngiyithinte i-computer nesiNgisi bengingasazi kahle.

“Kwakuthi uma ngenza umsebenzi wesikole ngisebenzisa i-computer ngibe ngowokugcina ukuqeda. Kwangithatha unyaka wonke ukujwayela ukuyisebenzisa,” elandisa.

Uthi ubonga umama wakhe ngokumgqugquzela ukuba afunde noma isimo besinzima. Uthi ubukela kakhulu kuyena ngempilo nangokubekezela.

“Umama ubengigqugquzela ngaso sonke isikhathi ukuba nginake imfundo. Ngiyajabula kakhulu ngokuthi ekugcineni ngigcine ngikwenzile abekufuna kimi,” esho.

Umyalezo

UMapuza uthi ukufaka kwakhe izithombe zakhe nomama wakhe enkundleni yezokuxhumana yingoba ubefuna ukukhuthaza nabanye abantu abaphuma emakhaya angamile kahle ukuba bangalilahli ithemba.

“Ubantu abangavumeli muntu anyathele amaphupho abo, abahlale esikoleni basebenze ngokuzikhandla ngoba ukubekezela kuzala inmpumelelo,” esho.

Uthi kubalulekile nokukhetha abangani ozihlanganisa nabo, ngoba abanye bangagcina bekufaka ehlathini.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Ephreli, Izindaba24 zibike ngodaba lukaSiboniso Sizolwakhe Mnikathi, 22, waseMahlongwa, ngemuva kokuthweswa iziqu.

Ngemuva kokuthweswa iziqu wababela enkundleni yezokuxhumana uFacebook wachaza ngobunzima adlule kubo ngenxa yokuthi ukhule kubo kupataniswa.

“Akukhathaleki ukuthi uhlangabezana nabuphi ubunzima empilweni, okubalulekile ukuthi usebenzise lokho okuphambi kwakho ukuze ufinyelele la ufuna ukufika khona. Impumelelo akuyona eyabathile kuphela, kepha eyabantu abazimisele,” esho ngaleso sikhathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.