Ukubulala okuhlobene nezepolitiki e-KZN kwakha isithombe esingesihle ngobuholi

2018-03-23 18:00

Durban - UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Zweli Mkhize uthi isibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki KwaZulu-Natal kutshengisa ukuthi kunenkinga edinga ukulungiswa ebuholini besifundazwe.

UMkhize ubekhuluma osukwini lwesibili lweKwaZulu-Natal Local Government Indaba eThekwini ngoLwesihlanu ekuseni.

Uthi lesi sifundazwe sihamba phambili ngesibalo samakhansela abulawayo, ikakhulukazi eMzimkhulu.

UMkhize unxuse abaholi bomasipala nabendabuko ukuba babhekane nalesi sihlava asichaza njengenkinga ekhona ebuholini okuyiyo eholela ekutheni zande izibalo zokubulala okuhlobene nezombusazwe.

OLUNYE UDABA: 'Amakhansela e-ANC eKZN abulawelwa ukuphikisana nenkohlakalo'

“Lezi zigameko zibukela phansi umlando waKwaZulu-Natal wokuthula nokubekezelelana kwezepolitiki. Kwakha isithombe sokuthi ubuholi abukho sezingeni elifanele kanjalo nokuthi umsebenzi wokuphenya lezi zigameko awenziwa ngendlela."

UMkhize uphinde wagxeka kakhulu omasipala abangawenzi ngendlela umsebenzi.

"Izikhala eziningi azivaliwe, imigomo kayilandelwa, imali ayisetshenziswa ngendlela, izikweletu ziphezulu futhi abantu abaqashelwe ezikhundleni ezimqoka kabanawo amava. Inkohlakalo nokukhwabanisa nakho kudla lubi."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.