Ukubuyiswa komhlaba akusho ukuthi kuzoxoshwa abelungu - Zuma

2018-03-09 11:02

Durban - Lowo owayengumengameli uJacob Zuma uthi isiphakamiso sokuthi kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo akusho ukuthi kuzoxoshwa abelungu abayinzalo yabacindezeli.

UZuma usho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokuqala ngoLwesine ebusuku awuhambele kusukela asula esikhundleni.

Ubekhuluma esidlweni sakusihlwa esihlelwe yiNational Funeral Parlour Association eThekwini, lapho ebehlonishwa khona ngesibindi nangokuzinikela ekuletheni uguquko kwezomnotho.

Le nhlangano idume ngemuva kokusabisa ngokuvimbela izinkampani zomasingcwabisane zabelungu namaNdiya ekutheni zisebenze emalokishini.

OLUNYE UDABA: UZikalala uhambe emazwini kaZuma ngodaba lomhlaba

UZuma ukhulume kabanzi ngendaba "yokulungiswa" kodaba lomhlaba.

Uze wathi uma lolu daba lungalungiswa kuze kufike isikhathi sokuthi bangene egodini, lesi sizukulwane esikhona singase sizithole sekumele siphendule imibuzo mayelana nokuthi sahluleka kanjani ukubuyisa umhlaba yize sifundile futhi sinezibhamu.

“Kukhona abantu abafika bezohlala lapha, emlandweni wethu, futhi asisho ukuthi kumele bahambe. Esikushoyo wukuthi udaba lomhlaba kumele lulungiswe."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.