Ukudideka ngengane, 10, etholakale egunjini likagogo isishonile

2017-07-24 19:30

Pietermaritzburg - Udidekile umndeni wengane eneminyaka eyishumi abayifice idutshuliwe ekamelweni likagogo.

NgoMsombuluko amaphoyisa asePlessislaer, athe le ngane ibishiywe yodwa ngabazali bayo ngesikhathi beye esontweni ngeSonto, eMbali, kuStage 2.

Okhulumela amaphoyisa asePlessislare uCaptain Musa Ntombela uthe ngesikhathi abazali bale ngane bebuya enkonzweni bafice izicabha zivuleke gengelezi.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sentombazane, 16, emagcekeni ehholo

Uma bebememeza akuzange kusabele muntu base bengena bebheka, bayithola idindilize egumbini lokulala likagogo wayo kugcwele igazi.

UNtombela uthe abazali bale ngane, imininingwane yabo engakadalulwa, bayiphuthumise emtholampilo, eMbalenhle, lapho befike batshelwa khona ukuthi isishonile.

UNtombela uqhube ngokuthi okwamanje kusaphenywa imbagela yesigameko.

"Siphenya icala lokubulala kanti akekho osaboshiwe okwamanje."

 - KZN Eyethu

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.