Ukugudluza uZuma akuwenzi umqondo, kusho amaLungu ePhalamende e-ANC

2017-08-04 16:02

Cape Town – Ukuvotela ukugudluza uZuma akuwenzi umqondo njengoba kuzokhethwa uMengameli omusha weqembu ngoDisemba engqungqutheleni ye-ANC kazwelonke ngoDisemba, amanye amaLungu e-ANC ePhalamende atshele iHuffPost SA.

“UMengameli unezinyanga ezine kuphela ehhovisi,” iLungu lePhalamende le-ANC elingafunanga ukudalulwa lisho kanjalo.

“I-ANC isithathe isinqumo sokuthi uMengameli we-ANC kanye noMengameli waseNingizimu Afrika kumele kube umuntu oyedwa. Leso sinqumo kumele sisetshenziswe ngemuva kukaDisemba.”

Khonamanjalo, uSotswebhu we-ANC, uJackson Mthembu, ngoLwesihlanu utshele izintatheli eKapa ukuthi ukugudluza uZuma angeke kubasize abaseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: UGordhan uvule isifuba nge-SMS eyaholela ekuxoshweni kwakhe

AmaLungu ePhalamende akhulume neHuffPost SA ngaphambi kwalesi sithangami ebesibanjwe uMthembu acele ukuthi bangadalulwa njengoba besabela ukuhlukumezeka.

Elinye ilungu lithe “kunokusaba” kumalungu mayelana nokuvota okuyimfihlo ngenxa yesikhathi okuzokwenzeka ngaso – njengoba uDisemba ususeduze.

“Sifunda amaphepha, siyabona ukuthi abantu baseNingizimu Afrika banxusa ukuthi amalungu ePhalemende avote ngonembeza,” lisho kanje.

Leli lungu lithi isinqumo sokuthi bavote kanjani sesiqala ukuba nzima manje ngoba bajutshwa ePhalamende ukuthi bamele i-ANC, kodwa manje sekunzima ngenxa yezinsolo ezisemphakathini.

Kodwa-ke leli lungu lithi ukukhipha uZuma kungenza kuphela ukuthi isimo sibe sibi kakhulu kwezepolitiki kanye nakwezomnotho eNingizimu Afrika. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.