Ukuhlaselwa kukaJackson Mthembu kutshengisa ukungaziphathi kahle - Ramaphosa

2017-11-30 14:03

Cape Town - ISekela likaMengameli uCyril Ramaphosa usephawulile ngezinkinga ezikhona kwikhokhasi ye-ANC, ngemuva kokuthi amalungu ayisithupha e-ANC ePhalamende esole uSotswebhu uJackson Mthembu "ngokusebenzisana" neDemocratic Alliance.

La malungu e-ANC abambe isithangami sabezindaba ngoMsombuluko ebusuku - esisakazwe ku-ANN7 - egxeka uMthembu, ikhomishini yophenyo ngodaba lwakwa-Eskom, kanjalo nofakazi ohamba phambili u-Advocate Ntuthuzelo Vanara.

Basole uMthembu ngokusebenzisana ne-DA ukuhlela inkulumompikiswano ngodaba lokubanjwa koMbuso ngobhongwane ngoLwesibili ebusuku, bakhala nangokuthi uphenyo ngo-Eskom alusho lutho ngengxiwa abaqhoqhobele umnotho.

URamaphosa ubuzwe ukuthi kuthini ukuphawula kwakhe ngalolu daba ngesikhathi enesidlo sasekuseni nePress Gallery Association ngoLwesine.

"Lolo wudaba olubucayi kakhulu futhi luyakhathaza, ngokubona kwami isenzo samalungu ePhalamende sokuhlasela usotswebhu wawo ngaleya ndlela kutshengisa ukungaziphathi kahle," kuphendula uRamaphosa.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: 'Umengameli ophumayo' uZuma uhlangane nabagaqele esokuhola i-ANC

"Ukube bekukhona ukungaboni ngasolinye nosotswebhu bekumele balandele imigudu yenhlangano.

"Luyadingidwa lolu daba, kepha indlela izinto ezenzeke ngayo ayamukelekile," esho.

URamaphosa uphinde wavikela la malungu e-ANC ayisithupha ekutheni ahambisana neState Capture.

"Angicabangi ukuthi bangathanda ukubonakala sengathi bahambisana nokubhozonyelwa koMbuso. Lolu daba, njengoba bese ngishilo, silufakela izibuko."

UMthembu usefake isimangalo kwiBroadcasting Complaints Commission.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.