Ukuhlolwa kwesidumbu kutshengisa ukuthi wayephuze ngokweqile owabulala abangu-8

2018-03-07 12:31

Plano - Udokotela osebenza ngokuhlola izidumbu uthi owesilisa waseTexas wayenesilinganiso sotshwala esiphindeke kane kunaleso esivumelekile egazini ngesikhathi ehlasela abantu abayisishiyagalombili ebabulala.

Kuthiwa le ndoda yaqonda ngqo ekhaya likankosikazi wayo eyayingasahlali naye, yamngqokloza ngenhlamvu kanye nabanye abantu abayisikhombisa.

Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu okhishwe ngoMsombuluko, uDkt William Rohr waseCollin County uthe uSpencer Hight, 32, wayenesilinganiso sotshwala esingu-.33% ngesikhathi egila lo mkhuba ngomhlaka-10 Septhemba ePlano, eTexas.

OLUNYE UDABA: 'Wayephuzile' umshayeli wendiza eyaphahlazeka

Isilinganiso esivumelekile sotshwala egazini eTexas singu-.08%. Iziphathimandla zithi uHight wavulela ngenhlamvu ekhweni, lapho okwakunephathi khona.

Kulesi sigameko kwabulawa unkosikazi kaHight, uMeredith Hight, 27, kanye nabanye abantu abayisikhombisa.

Amaphoyisa abizelwa endaweni yesigameko adubula uSpencer, washonela khona lapho.

Abangani bathi wayengumuntu owayengasathokozile njengoba umshado wakhe wawubhidlika.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.