'Ukukhuluma ngezinkomfa namasemina ngeke kumsize ngalutho uMengameli'

2018-02-19 12:34

eThekwini - Umholi weqembu eliphikisayo uMmusi Maimane uthi ibimnandi impela inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa futhi bayamukele ngezandla ezifudumele.

UMaimane uthi bekukuhle kakhulu ukubona ubumbano ePhalamende ngemuva kwesikhathi eside.

"Kungithokozise kakhulu ukubona lowo owayengumengameli uThabo Mbeke naye ekhona lapha ePhalamende ukuzolalela inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa. Kungikhumbuze inkulumo yakhe yobumbano ethi sonke singama-Afrikana," kusho yena.

UMaimane uthi uRamaphosa uthembise abantu bakuleli isikhathi esisha. Uthi futhi uyazinikela yena kanye neqembu lakhe ukubambisaneni naye.

"Njengoba siphila ngaphansi kombuso wentando yabantu, siphila ngesikhathi lapho kumele sikwazi ukubambisana, umbuso wentando yabantu akuyona impi, asizona izitha, kodwa wukubonisana, lapho singaboni ngasolinye kumele sitshelane ukuze sikwazi ukubambisana," kuqhubeka yena.

Uqhubeke wathi uMengameli uRamaphosa ubhekene nomsebenzi omkhulu futhi uzodinga usizo lwawo wonke umuntu ukuze kuqinisekiswe ukuthi lesi siqalo esisha siyabasebenzela bonke abantu.

"URamaphosa uthole ifa lezemfundo engahlelekile, uthole ifa lomnotho ongahlelekile, konke lokhu kuzodinga ukuba sisebenze ngokubambisana ukuze sivuselele leli lizwe."

OLUNYE UDABA:Isiqalile inkulumo mpikiswano ye-SONA ePhalamende

Uthi yize ibizwakala kamnandi inkulumo kaMengameli ekhuluma ngezinhlelo zabo zokuvuselela izwe, luselude ukhalo.

"Yebo, ukhulume ngokuhlelwe kwezinkomfa, amasemina kanye neminye imihlangano eminingi enizoba nayo ukuhlelela inqubekelaphambili. Lokho ngikubona kuyimizamo yokuqhuba isikhathi kodwa usuke ungakenzi lutho olutheni," kusho uMaimane.

"Konke lokhu ngeke kumsize ukulungisa isimo saleli lizwe, kodwa kusidinga ukuba sisebenze sonke ngokubambisana.

"Kumele siqale ngezemfundo, kumele sivume ukuthi isimo sethu sezemfundo sisenkingeni enkulu. Iningi labafundi abakwazi ukufunda, uma bencintisana nabakwamanye amazwe, abakwazi nhlobo ukufunda," esho.

Uthe abafundi abasezikoleni zasemaphandleni kabakwazi ukuncintisana nabafuthi basezikoleni sabadla izambane likapondo.

"Kumele sizinikele ekulungiseleleni izingane zethu ukuba zibe nekusasa eliqhakazile, ukuze sikwazi ukubhekana nakho konke lonke, kumele silwe nogombelakwesaboe abayingxenye ye-Sadtu.

"Ithimba likaNgqongqoshe wezeMfundo yamaBanga aPhansi elihlola umsebenzi labika ukuthi iminyango yezemfundo ezifundazweni ezingu-6 kwezingu-9 zilawulwa ngabaphathi bakwa-Sadtu abazenzela umathanda," esho.

Uthe ngakho-ke umsebenzi kamengameli wukulwa nalabo gombelakwesabo beSadtu.

UMaimane uqhubeke wathi bayasamukela isiphakamiso sikaMengameli sokwandisa amathuba okuqeqeshelwa umsebenzi ngoba kubaluleke kakhulu ukuthi abantu abasha bathole ulwazi lomsebenzi.

Lokhu kuqala ngokuthi uhulumeni abhekane nenkinga yala bantu abanika izihlobo nabangani imisebenzi, esikhundleni sokunika labo abafanele.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.