UKunene uyalelwe ukuba asuse ama-video ocansi entokazi eyamaniswa noRamaphosa

2017-09-15 12:30

EGoli - UKenny Kunene one-website yomgosi i-Weekly Xposé uyalelwe ukuba asuse ama-video amabili abonisa owesifazane okusolakala ukuthi wayenza ucansi nePhini likaMengameli uCyril Ramaphosa.

Lokhu kushiwo yiJaji uRaylene Keightley ngesikhathi ekhipha isinqumo sakhe ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng, eGoli.

Le website kaKunene iveze ama-video ocansi okuthiwa ayethunyelwe ngowesimame kuRamaphosa.

Yize le website ibuvalile ubuso balo wesimame, kodwa ngaphansi ilibhalile igama lakhe, iminyaka yakhe nokuthi uhlala kuphi.

OLUNYE UDABA:Uzame wancama uRamaphosa ukunqanda udaba lwezintombi zakhe ezingu-8

UKeightley uthe kwephulwe amalungelo alo wesimame okugcina impilo yakhe yangasese iyimfihlo njengoba amahlazo akhe asenekelwe umhlaba wonke ukuba uphawule.

Leli jaji lithi yimbi le nto eyenziwe yilo somabhizinisi futhi lo wesimame akazange avume ukuthi la ma-video asatshalaliswe ngale ndlela.

Leli jaji liyalele uKunene ukuthi awasuse la ma-video kanye nemininingwane yalo wesimame.

UKunene uyalelwe ukuba akhokhe izindleko zecala.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.