Ukungabinamali eMzansi kungase kwenze abantu bashone besebancane

2017-08-25 19:30

Cape Town – Ukuntengantenga komnotho kungase kubuyisele emuva okuningi osekuzuziwe esikhathini esiyiminyaka esedlule embonini yozokwelapha yomphakathi, okubalwa neminyaka eyishumi abantu okulindeleke ukuthi bayiphile.

Umbiko we-SA Health Review 2017, okhishwe ngomhlaka-23 ku-Agasti, udweba isithombe esingesihle semboni yezokwelapha ehluleka ukuhlinzeka ngezidingo kanye nokugcina intengo iphansi njengoba isimo somnotho siqhubeka nokuba sibi.

Ukusetshenziswa kwezimali kwezokwelapha kunyuke ngo-1.1% nje kuphela onyakeni wezokwelapha ka-1.1%. Kuyothi kuqambe kushaya unyaka ozayo, lokhu kunyuka kuzobe sekufinyelele ku-0.8% futhi ngo-2018/19, kuzoba nokuncishiswa kwemali esetshenzisiwe ngo-R142-million (0.1%).

OLUNYE UDABA: Nazi izibhedlela ezingu-20 ezihamba phambili eMzansi

OnguMgcinimafa we-SAHR, uMark Bletcher, uthi yize noma umnotho kusalindeleke ukuba ukhule kancane, nokuzoshaya abantu ephaketheni, kodwa iNational Health Insurance (NHI) ingase ikuguqule lokhu ngenxa yemali eyengeziwe yokukhokhela ezokwelapha.

UBletcher kanye nozakwabo baqaphela ukuthi ukwehla ngo-38% kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika phakathi konyaka ka-2012 kanye no-2016 sekudale ukwenyuka okukhulu kwintengo yemithi yokwelapha.

Ngaphezu kwalokho, zilinganiselwa ku-400 000 iziguli ezijoyina uhlelo lokulashelwa i-HIV kanti sekwethulwe nenqwaba yemishanguzo evikela izingane ezisanda kuzalwa ukuthi zingatheleleki.

Izindleko ezinkulu zabasebenzi kanye nemali echithwe kwingqalasizinda nakho kubeka egcupheni ezokwalapha zakuleli. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.