Ukungawini emidlalweni edlule akusho ukulahla amaphuzu - Kekana

2018-03-01 14:00

Johannesburg - Ukaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana uthi abadumele kangako ngokungawatholi wonke amaphuzu ngeledlule bedlala neFree State Stars neSuperSport United.

ISundowns eqhwakele esicongweni se-Absa idlale ngokulingana kuyona yomibili le midlalo, nokunikeze i-Orlando Pirates ithuba lokuba iyilandele ngamaphuzu amane, ngemuva kokuba yona ishaye ngo-4-2 iChippa United eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto.

Emdlalweni olandelayo iSundowns izodlala namaZulu eKing Zwelithini Stadium ngo-18:00 ngoLwesihlanu ebusuku, kanti iBhakabhaka elisendaweni yesibili lona lizobhekana nezimbangi zalo ezinkulu iKaizer Chiefs, esendaweni yesithathu, eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-15:30.

OLUNYE UDABA: Ubonge abalandeli uPienaar esethi khumu ebholeni

IDowns yashaywa wuSuthu emlenzeni wokuqala emdlalweni owawuseLucas Moripe Stadium.

IDowns isawine imidlalo engu-8 ekuhambeni, nemine kuphela ekhaya.

“Yebo, asiwatholanga wonke amaphuzu emidlalweni emibili edlule sibhekene neSuperSport kanye neFree State Stars, lokhu asikuthathi njengokulahla amaphuzu kodwa sengeze kwesinawo.

"Siyajabula ngoba asihlulwanga. Iphuzi nephuzu libalulekile embangweni wesicoco seligi.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.