Ukungizonda ngeke kungenze ngingabi yisitabane - Somizi

2016-12-07 13:33

Johannesburg – Usaziwayo wakuleli othandana nabobulili obufana nobakhe, uSomizi Mhlongo, usephumele obala egxeka ukuhlaselwa kwabantu abathandana nobulili obufana nobabo, waphinde wagxeka nezobulungiswa kuleli ngokungenzi okwanele ukulwa nalokhu.

USomizi udume ngamakhono ahlukene emikhakheni yezobumnandi okubalwa ukudansa ukukwethula uhlelo emsakazweni kanye nokuba yijaji kuma-Idols SA.

Yize noma evamise ukufaka imiyalezo engajulile enkundleni yezokuxhumana, i-Instagram, kodwa ngoLwesibili lo saziwayo ukhulume ngodaba olushubile esebenzisa le nkundla yezokuxhumana.

Imiyalezo yakhe ye-“Choose-day” ivamise ukuthinta kakhulu abalandeli bakhe, kanti nakulokhu akubanga khona umehluko.

OLUNYE UDABA: Ziningi izilingo uma uxakekile, ngangingalala nanentombazane – Somizi

Kwi-video yakhe yakamuva ukhuluma ngokudlwengulwa kwabantu ababathandana nobulili obufana nobabo, inzondo ebhekiswe kwabathandana nobulili obufanayo kanye nokwenzelwa phansi ezobulungiswa.

“Ngikhetha ukungathuli uma ngibona izindaba, noma ngizwa ngokuqondiswa ngokudlwengulwa kwenzeka endaweni ethile eNingizimu Afrika. Uma ngizwa ngengane encane ebulewe ngoba iyisitabane. Akazange akhethe ukuba yisitabane, uyisitabane.

“Ngakho konke engizama ukukusho Ningizimu Afrika, abantu abathandana nobulili obufanayo, ukuba yisitabane kuyafana nokuba mnyama noma ukuba mhlophe. awukukhethi, uyikhona,” usho kanjalo uSomizi kule video.

Lo saziwayo uphinde wakhwela wadilika kwezobulungiswa kuleli, wathi zibenzele phansi abantu abathandana ngobulili obufanayo, wathi yikhona (ezobulungiswa) okwenza ukuthi ababulali bacabange ukuthi bangabulala kungabi ndaba zalutho.

Ube esevala ngomyalezo oshubile abewubhekise kulabo abazonda abantu abathandana ngobulili obufanayo, wathi inzondo yabo angeke imtshintshe ukuthi afane nabanye abantu abathandana nobulili obuhlukile. 

UMFANEKISO:

Mad as hell. @departmentofjustice ur failing us

A video posted by Somizi (@somizi) on

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.