Ukunqoba kweChiefs kutatazelise iPirates

2017-10-20 16:01

Durban – Ukunqoba kweKaizer Chiefs umdlalo wayo neMamelodi Sundowns kutatazelise omkhaya njengoba njengoba sebengenwe ngamanzi emadolweni ngayo.

IChiefs iguqise ngo-2-1 iSundowns kowe-Absa Premiership ngoLwesibili kusihlwa eLoftus Stadium, ePitoli.

Amagoli okunqobe ngawo iChiefs ashaywe ngoSiyabonga Ngezane noBernard Parker, eleDowns lashaywa nguThemba Zwasne obekuyiphenathi.

IDowns iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uTiyani Mabunda, kubika ILANGA.

IChiefs kuzothi ngoMgqibelo ngo-15:30 ibhekane nomkhaya i-Orlando Pirates koweligi e-FNB Stadium, eSoweto.

Ngaphambi komdlalo weDowns, iChiefs ibinganikwa lutho abathandi bebhola ezinkundleni zokuxhumana bethi izophela yinduku. Bebethi ngeke ilibone elidlalayo kwiDowns nakwiPirates. Kuse ngokunye isijikela iSundowns njengotshwala esiswini.

UMilutin "Micho" Sredojevic ocija iBucs uthi ukunqoba kweChiefs kubagxabhisele ngezisu. "Umdlalo womkhaya awukaze ube lula kodwa ukudlala namakilabhu amakhulu evikini elilodwa akuyona into encane, kunzima.

OLUNYE UDABA: OweChiefs ulindele umdlalo osezingeni neDowns

"Ukunqoba kweChiefs kusivule amehlo ukuthi singalinge sibheke ifomu yakamuva yezimbangi ngoba kayisho lutho. IChiefs ibinganikwa lutho kulo mdlalo weDowns kodwa yathusa abathandi bebhola.

"Nathi kuzofanele siye kuyona siqaphile ngoba uma sizoya ngokuxhamazela sizokuba senkingeni," kusho uSredojevic.

USiphiwe "Shabba" Tshabalala ogijima esiswini kwiChiefs uthi iwini yeDowns ibuyise ukuzethemba njengoba beya kulo mdlalo womkhaya.

"Besazi ukuthi umdlalo weDowns sizowunqoba, awukho umdlalo esiya kuwo ngenhloso yokwehlulwa. Ukunganikwa lutho kulo mdlalo yikhona okusifake umfutho, kusenze sangena enkundleni kungathi sithelwe ngezibonkolo.

"Nakulo mdlalo wePirates sizoya ngomuzwa ofanayo siyela iwini nje kuphela hhayi okunye," esho.

Ube esecela abalandeli ukuba baqhubeke nokubeseka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.