Ukuphoxeka ingoduso ithola ngoFacebook ukuthi isoka leminyaka liganiwe

2017-09-15 16:02

US - Umama wezingane ezintathu uthi wacishe wamelwa yinhliziyo ngesikhathi ethola ukuthi isoka lakhe liphila izimpilo ezimbili.

U-Amanda Creighton, 32, uthi lokhu wakuthola ngesikhathi uFacebook imtshengisa abantu abangase athande ukuba ngabangani nabo.

Uthi yilapho abona khona isithombe sesoka lakhe uPaul McHugh esithombeni sowesimame okuthiwa angaba wumngani naye.

U-Amanda utshele abe-The Sun ukuthi uPaul, wayemazi ngelikaChris Walker, kwabe sekuvela lapho ukuthi ubeqamba amanga ngempilo yakhe.

“Sasineminyaka emibili sithandana ngesikhathi ngithola into eyacishe yathatha umphefumulo wami. Ngazizwa ngiphoxekile futhi kungithathe isikhathi eside ukuba ngikudlulise lokhu."

Le ntokazi ithi yahlangana nesoka layo ngo-2003 enkundleni yomjolo kannti yayisanda kuhlukana nomyeni wayo weminyaka eyishumi.

“Ngangikungabaza ukuba sothandweni, kodwa uChris wangeza ngazizwa ngikhululekile sisaqala ukuxoxa,” kusho le ntokazi.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Lusekhona uthando lweqiniso, ungadidwa yizinto zomhlaba

Uthi ngemuva kwenyanga bexoxa, banquma usuku lokubonana, nebala konke kwahamba kahle ngalolo suku. 

Ngemuva kwezinyanga ezine bethandana, isoka lamtshela ukuthi lizohamba amasonto ayisithupha ngokomsebenzi, kodwa futhi lalingafuni alivakashele lapho elalisebenzela khona.

“Ngesikhathi ebuya wayeseshintshile engasaziphathi ngendlela ayeziphethe ngayo phambilini. Ngathi ngizama ukumbuza ngalokhu, wavele wangicela umshado," esho.

Uthi izinto zaqhubeka zahamba kahle ematasa namalungiselelo omshado futhi ethokozile.

NgoDisemba 2014 uthi wayezibukela uFacebook ngesikhathi ebona into eyamshiya ebambe ongezansi.

“Ngabona isithombe sikaChris, ngathi ngiyasivula, kwaxega amadolo ngibona uChris ebambene nomunye umuntu wesimame bebambene."

Uthi yilapho avuleka khona amehlo wathola negama lalo mlisa langempela okunguPaul McHugh, wathola nokuthi ushadelwe futhi unengane eyodwa nomkakhe.

“Ngangithukuthele, ngamshayela ucingo ngaleso sikhathi. Ngathi uma ngimbuza ukuthi ngabe igama lakhe langempela nguPaul, wavele wavala ucingo. Ngazama ukuxhumana nomkakhe ngamtshela udaba lwami, kodwa wangangikholwa," elandisa.

Uthi yize bahlukana izinyanga ezimbalwa babuye babuyelana, kodwa lamgila futhi leli soka.

Kulokhu limgila nje usekhulelwe.

“Ngazama ukuthi silungise izinto sizwane, ngenzela ingane. Kodwa ngathuka ngifunda udaba lomunye umuntu wesimame kuFacebook ekhala ngaye uPaul naye ebalisa ngenkinga ecishe ifane neyami."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.