Ukuphoxeka nehlazo yikona okwenze uThabisile anyamalale

2017-02-13 19:31

Pinetown - Kawusabuthi quthu ubuthongo umndeni wakwaNcayiyane eWyebank ePinetown, ngokunyamalala kwendodakazi yakhona echayiswe yihhovisi leMeya yeTheku, uZandile Gumede, ngomzuzu wokugcina njengoba ibithenjiswe isikhundla kulo masipala ebizohola itshe lemali kusona.

ILANGA lithole ukuthi uThabisile Ncayiyane, 34, osekuyophela isonto engaziwa nocingo lwakhe luvaliwe, ushiye ebhale iheheba lencwadi emzini wakhe echaza ngokumenze wanquma ukunyamalala.

Kubikwa ukuthi uNcayiyane, wayesebenza esikhumulweni sezindiza iKing Shaka nokuyilapho ajwayelana khona noGumede engakabi yiMeya.

UGumede wathembisa le ntokazi umsebenzi omusha ngemuva kokuba aqokelwe esobuMeya.

Iphephandaba iLANGA lithole ukuthi uNcayiyane uqale wafaka isicelo sekhefu elide emsebenzini wakhe omdala esazijwayeza ukusebenza neMeya.

Imithombo yeLANGA iveza ukuthi uNcayiyane uqale ukubonakala ngesikhathi imeya isanda kubekwa esikhundleni. Yonke imicimbi ebihanjelwa yiMeya kuthiwa ubengasali kuyona, kunguyena obehamba eyiphakela nokudla emicimbini. 

Izinto zaguquka ngesikhathi uGumede etshela lo msizi wakhe omusha ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokusebenza naye.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngalo olahlekile

Leli phepha likhulume nelunga lomndeni kaNcayiyane elikuqinisekisile ukuthi ubeseyitholile incwadi ethi useqashwe ngokugcwele ngesikhathi etshelwa yiMeya ukuba ame kancane angabe esaqhubeka nokusebenza nayo futhi angabe esabonakala ehamba nayo ngoba kukhona okungahambi kahle ngaphakathi mayelana nendlela aqashwe ngayo.

Kuthiwa okumhlukumeze kakhulu uNcayiyane wukuthi ushiye umsebenzi wakhe esebenza kahle futhi ehola imali enkulu ngoba enethemba lokuthi usethole umsebenzi ogcono.

Kule ncwadi ayibhalile, uyalele udadewabo ukuthi uzoyithola kuphi i-Ipad yeMeya ebihlala kuyena uma eseyolanda izimpahla zakhe ebezisele ngakuyena. Kuthiwa selokhu ehambile uNcayiyane ucingo lwakhe luvaliwe kodwa lukhomba ukuthi ludonsa eHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natal.

Emini kuthiwa uyaluvala aze aluvule phakathi kwamabili kodwa imiqhafazo athunyelelwa yona akayiphenduli.

Imizazamo yeLANGA yokuthola uTozi Mthethwa, okhulumela uMasipala weTheku kayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Nemeya liyizamile leli phephandaba kodwa ucingo lwayo lwabanjwa ngowesilisa othe isemhlanganweni wacela ukuba ibuye ishayelwe. Kuthe uma isishayelwa futhi, lwakhala lwangabanjwa muntu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thulani Zwane, uthi kunecala elivuliwe lokulahleka komuntu, amaphoyisa asenza uphenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.