Ukushaqeka abadobi bebamba ikhanda lomuntu bedoba

2017-10-02 12:31

Polokwane - Abadobi bafake amanethi abo okudoba e-Oliphant River benethemba lokuthi azobuya nofishi, kanti azobuya nento ebebengayilindeleke neze.

Bagcwale injabulo bezwa amanetha enesisindo esikhomba ukuthi babambile ngesikhathi bewadonsa, kanti bekubambeke izicubu zomuntu.

Amaphoyisa aseLimpopo athi abadobi bashaqeke kabi bethola ikhanda lomuntu emanethini ebebewafake emanzini ngenhloso yokubamba ofishi.

OLUNYE UDABA: Kushone 4 wabantu engozini enyantisa igazi ekuseni

Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe uthe ikhanda lomuntu lihlonzwe njengelowesilisa okwabikwa ngoLwesibili olwedlule ukuthi udukile, eRakgoadi, ngaphandle kwaseGroblersdal.

UNgoepe uthe imbangela yokufa kwakhe kayikaziwa kodwa ngeke bakushiye ngaphandle ukuthi kungenzeka ukuba udliwe yizingwenya ngoba zigcwele kulo mfula.

Uthe umufi, oneminyaka engu-55 ubudala, uhlonzwe ngumndeni endaweni yesigameko.

Amaphoyisa avule idokodo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.