Ukushaqeka kubulawa umbhishobhi

2017-08-02 18:00

Johannesburg - Lishaqekile ibandla i-Methodist Church of Southern Africa (MCSA) kulandela ukubulawa kombhishobho, uThembinkosi Fandaleki, oshonele emotweni yakhe ngemuva kokudutshulwa ngoMsombuluko ebusuku.

UFandaleki, 54, ubengumbhishobhi we-MCSA kwisifunda iClarkebury, ikomkhulu lakhona eliseMthatha.

Okhulumela amaphoyisa aseMthatha uLieutenant-Colonel Mzukisi Fatyela uthe isigameko senzeke kuCraister Street, eMthatha, ngemuva kwezithuba zabo-00:00.

OLUNYE UDABA:Kubulawe umfundisi kuthunjwe abantu eFrance

"Okwamanje asinaso isiqiniseko sembangela yesigameko kodwa imoto yakhe itholwe ishayise udonga lwebhilidi yena engaphakathi kuyo," kusho isikhulumi.

"Sisola ukuthi ubesevele eshonile ngesikhathi imoto yakhe ishayisa udonga."

UFatyela uqinisekise ukuthi umbhishobhi udutshulwe kanye esifubeni kanti kungenzeka ukuthi ushone ngenxa yenxeba lokudutshulwa.

Uthe kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa ayaphenywa.

 - DispatchLive


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.