Ukushaqeka owesilisa 'ezimeteza' ebuka amantombazane esikole

2017-08-08 12:33

Cape Town – Izakhamuzi ezihlala ngasesikoleni samabanga aphakeme eKapa zishaqekile ngesikhathi zibona owesilisa ekhipha ‘induku’ yakhe ‘ezimeteza’ phambi kwesikole.

Ozibonele uthi owesilisa ubonakale elunguza amantombazane esikoleni ngesikhathi ‘ezimeteza’  ngoLwesibili ekuseni.

Owesilisa uthwebulwe yisakhamuzi esishaqekile, esibe sesibiza onogada besikole.

Ozibonele uthi owesilisa ubelunguza amantomabzane esikole abehlezi efulathele udonga ephambanise imilenze (ebhale o-4)  izingubo zawo ziphakeme.

OLUNYE UDABA: Kubulawe owesilisa ngenxa ka-R300

Uthi abafundi bebenganakile ukuthi kukhona umuntu obabhekile.

Ngokusho kozibonele, owesilisa ubuke amantombazane, wavula uziphu, wehlisa kancane ibhulukwe, wakhipha into yakhe.

Lesi sakhamuzi sithi asikholwanga sibona lento, sibe sesilinda imizuzu elinganiselwa kwengu-15 ukuqinisekisaukuthi kuyikhona yini lokhu esikucabangayo ngaphambi kokuba sithathe isinyathelo.

Ngesikhathi onogada sebembambile umsolwa, ubatshele ukuthi ubechama, futhi ubedlula ngasesikoleni eya eGroote Schuur Hospital.

- Daily Voice

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.