Ukushaqeka ubaba efica izingane zishonile endlini

2017-05-22 07:39

Johannesburg – Ingane yomfana eneminyaka eyisikhombisa ubudala kanye nodadewabo oneminyaka emibili ubudala batholakale beshonile emzini kanina oseStinkwater, enyakatho yePitoli, ngemuva kokuba uyise efonelwe ngunina wezingane emazisa ukuthi usehambile waya eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng uCaptain Samuel Sebola uthe ubaba wezingane ufonelwe ngowesifazane ngeSonto ntambama.

Umtshele ukuthi akekho endlini, izingane uzishiyile waya eLimpopo, ngemva kwalokho wavala ucingo.

Ngasekuqaleni kwesonto eledlule, lona wesilisa wafonelwa ngabasemsebenzini wowesifazane, bembuza ukuthi ukephi njengoba sekuphele izinsuku ezintathu engafiki emsebenzini.

Ube esethatha isinqumo sokuyobheka ekhaya ukuthi izingane zisele nobani, kusho uSebola.

OLUNYE UDABA: Umsakazi ushaye ngesithende uhlelo

Kuthe uma efike endlini eMokone ngabo-14:00, owesilisa wathola isango likhiyiwe. Ube seya ezohlobeni zowesifazane, eduzane nawo lo muzi, eyofuna okhiye bokungena ngaphakathi.

Uzame ukungena ngemnyango wangaphambili kodwa wehluleka waze wayongena ngomunye umnyango.

“Kuthe uma efika ngaphakathi wathola izingane zilele embhedeni. Bezingaphansi kwengubo yokubulala. Ngesikhathi eyisusa ingubo ubone ukuthi bezingaphefumuli, wabiza omakhelwane.”

Kuvulwe amacala amabili okubulala.

Okwamanje akwaziwa ukuthi ukuphi unina wezingane njengoba bonke omakhalekhukhwini bakhe betholakale endlini.

Izingane bezingenazo izibazi zokulimala. Ukuhlolwa kwezidumbu yikhona okuzocacisa ngokufa kwazo, kusho uSebola.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.