Ukushaqeka unkosikazi ethola kuFacebook ngomshado womyeni

2016-07-01 19:00

Johannebsurg - UMvuselelo, 43, nonkosikazi wakhe uNontsikelelo Qolwana, 42, sebeneminyaka engu-14 beshadile baze babusiswa ngezingane ezintathu.

Kodwa umynei kaNotsikelelo  waqala wajola ngaphandle waphatheka kabi.

UMvuselelo  waphinde wamemezela ngokuthembisa kwakhe umshado umakhwapheni wakhe enkundleni yezokuxhumana iFacebook ngesonto eleldlule.

OLUNYE UDABA: Siboshiwe isigebengu ebesichoma ngemali eyebiwe ku-Facebook

UNontsikelelo obuhlungu utshele iDaily Sun ukuthi ubazi ukuthi umyeni wakhe uyajola.

Umyeni kalo wesifazane waqala ukujola eminyakeni engu-5 edlule wamtshal ngokuthi ufuna ukuthatha unkosikazi wesibili njengobaba wakhe.

UNontsikelelo waseMotherwell ePort Elizabeth uthe: "Sengamxolela umyeni wami ngokujola kwahe kodwa akwenze ngoLwesibili elwedlule kunzima kakhulu. Ngatshelwa wumnagni wmai ngokubhalwe wumyeni wami kuFacebook, kodwa ngangamukholwa."

Kodwa ngesikhathi esezifundela yena okubhalwe kuFacebook. "Umyalezo ufundeka kanje: 'Akuve ngijabulile, ngiyashada.' Ngambuza ngakubhalile kodwa waphika. Ngathukuthela ngabulala iselula yakhe ne-SIM crd," usho kanje.

UNontsikelelo uthe ukholwa wukuthi ukungafundi kwakhe okwenza ukuba umyeni wakhe afune ukuthatha omunye unkosikazi. "Ngizidayisela amagwinya erenki yamatekisi kanti futhi angikwazi nokufunda isiLungu," usho njalo.

"Uhlezi engitshela ukuthiumakhwapheni wakhe muhle futhi ufundile."

UNontsikelelo uthe angeke avume ukuba sesithenjini.

Ngesikhathi abeDaily Sun bethinta uMvuselelo uqinisekisile ukuthi uthembise umakhwaheni umshado wathi angeke aze amudivose unkosikazi wakhe wokuqala.

Umakhwapheni akafunanga ukuphawula ngodaba.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.