Ukusimama komnotho sizokubona ngokwanda kwabantu abansundu abazuzayo kuwo

2017-08-19 14:59

Durban – Umnotho uzokhula uma bebaningi abantu abansundu abathola amathuba angcono, lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal uSihle Zikalala.

“Yilokho esikuhlosila nge-radical economic transformation, ukukhuthaza abantu abaningi ukuba badlale indima ebonakalayo kwezomnotho ukuze ukhule umnotho wakuleli,” kusho uZikalala emcimbini we-Growth Coalition eThekwini ngoLwesihlanu ekuseni.

UZikalala uthi bayazama ukubhekana nezingqinamba ezasala kumbuso wobandlululo kanti lokhu kudinga abantu abansundu ukuba babe nendima abayidlalayo ukuthi bazitholele awabo amaqatha kwezomnotho.

OLUNYE UDABA:Umnotho wakuleli uyaqhubeka nokukhula kancane

Uthi izinhlelo ezifana nomkhankaso owaziwa nge-Vula yizona ezizovulela abantu bakulesi sifundazwe amathuba.

Uthi lo mkhankaso wenzelwe ukuthi uhulumeni aqinisekise ukuthi uthenga izinto kosomabhizinisi abansundu kanti lolu hlelo lwamenyezelwa wuMengameli wezwe ngenyanga edlule.

UZikalala uthi lolu hlelo luhlose ukwandisa kuphela intuthuko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.