Ukwethuka udokotela ehlinza isiguli okungesona - Umbiko

2018-03-02 16:01

Nairobi – Kubikwa ukuthi umisiwe emsebenzini udokotela waseKenya ohlinze isiguli okungesona ngesikhathi kuphambana izinkomishi, kusho umbiko wabezindaba.

Ngokusho kombiko weDaily Nation, lesi kube yisigameko "esiyihlazo kunazo zonke ezake zabonakala kwezempilo ukwenzeka siphinde saziwe ngumphakathi eKenyatta National Hospital".

Umbiko uthi mabili amadoda aphuthunyiswe esibhedlela ngempelasonto eyedlule - enye yawo bekumele ihlinzwe ukuze ikhishwe ihluli legazi ebuchosheni kanti le enye "ibidinga usizo lwezempilo njengoba ibivuvukele ekhanda".

Yilapho-ke okube khona isixakaxaka njengoba izigqebhezane ezichaza ngokugula kweziguli ziphambanile, kwaholela ekutheni kuhlinzwe indoda okungeyona.

OLUNYE UDABA: BUKA: Udokotela ekhipha ikokoroshe liphila ekhanda lowesifazane

Odokotela babone ukuthi benze iphutha sekuphele amahora ambalwa bewuqalile umsebenzi ngesikhathi sekubacacela ukuthi "akukho hluli ebuchosheni bale ndoda ehlinziwe".

Umbiko weStandard uthe isibhedlela sixolisile ngaleli phutha.

Isibhedlela siqhube ngokuthi senza konke okusemandleni ukuqinisekisa "ukuphepha nokuhlenga impilo yesiguli esithintekayo" sananela ngokuthi umisiwe emsebenzini udokotela kulesi sigameko.

Kepha ngokusho kombiko weThe Star, ozakwabo balo dokotela abahambisani nokumiswa kwakhe, njengoba bethi onesi okuyibo abalungise isiguli yibo okumele babekwe icala ngokuphambanisa izigqebhezane zazo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.