Ulahlekelwe wu-R190 000 ohehwe yintombi ayithole ezinkundleni zomjolo

2017-03-29 07:11

Johannesburg – Owesilisa oneminyaka engu-54 ubudala waseSandton ugetshengwe imali engango-R190 000 ezikhiphe nentokazi eqwayizayo.

Kuthiwa lo mlisa ungene enkundleni yokujola ku-internet nokuyilapho axhumane khona nalo wesimame.

Laba baxoxa amasonto amabili ezinkundleni ngaphambi kokuba bavumelane ngokuhlangana eSunnypark Mall, ePitoli.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Daniel Mavimbela uthe laba bahlangane eMall njengokwesivumelwano konke kwahamba kahle.

“Bekumnandi behlangene baze bavumelana ngokuya efulethini elithile lapho bebeyokwenza khona ucansi,” kusho uMavimbela.

OLUNYE UDABA:Isicefe somuntu ofuna ucansi phakathi kwamabili

Izinto kazihambanga ngokohlelo efulethini ngesikhathi kugasela amadoda amathathu ehlomile.

Oyedwa wala madoda usole lo mlisa ngokulala nomkakhe.

"Abasolwa bafune amakhadi asebhange alo mlisa kanye nezinombolo zawo eziyimfihlo. Babuye bamphoqa ukuba athumele imali ngohlelo lwe-cellphone banking,” kuqhuba uMavimbela.

Lo mlisa uhlaliswe lapha kuleli fulethi amahora amane ngesikhathi abasolwa beyokhithiza ngamakhadi akhe ezitolo lapho abasebenzise khona imali elinganiselwa ku-R190 000.

Amaphoyisa athi izigebengu zaseSunnyside zisebenzisa abesimame ukuba bahehe izisulu ngocansi ukuze zigetshengwe noma zidunwe izimoto.

UMavimbela unxuse umphakathi ukuba ugweme ukusebenzisa izinkundla zokujola noma uqikelele ukuba uyayilandela yonke imigomo ebekwe yileyo nkundla ngezokuthandana.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.