Ulahlwe ngamacala amane owazwakala kwi-video ecwasa ngokwebala iphoyisa

2017-11-03 14:01

Johannesburg – UVicki Momberg, osebenza njengeReal estate agent owaqoshwa ekhuluma inkulumo enokucwasa ngokwebala eyibhekise ephoyiseni elimnyama, ulahlwe ngamacala amane okwehlisa isithunzi eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesihlanu.

Lesi sigameko sokucwasa ngokwebala senzeka ngemuva kokuthi uMomberg aba yisisulu sokuphihlizelwa ifastela lemoto webelwa okwakusemotweni eNorthriding, eGoli, ngoFebhuwari 2016.

IMantshi uPravina Rugoonandan uthe ngoLwesihlanu amagama asetshenziswa nguMomberg ayecwasa ngokwebala futhi wawasho ngamabomu. Uphinde wathi uMomberg wayazi ukuthi isenzo sakhe siphambene nomthetho.

URugoonandan ube esechazela uMomberg la macala amane amgojele.

OLUNYE UDABA: Isobishini intatheli 'ngokucwasa ngokobuhlanga' kuFacebook

Elilodwa ngelokushayela i-10111 wabiza umuntu owaphendula ucingo ngegama elilumelayo eliqala ngo-k elalisetshenziswa ukubiza abantu abamnyama ngesikhathi sobandlululo.

Elinye ngelokubiza omunye umuntu owaphendula ucingo ngesif**be. Elinye limayelana nokubiza isisebenzi sakwa-10111 ngegama eliqala ngo-k "elingenamsebenzi walutho".

Elokugcina ngelokubiza uConstable David Mkhondo, owayemsiza ngemuva kwesigameko, ngalo leli gama ethi akanamsebenzi walutho futhi uyi"black bastard".

Kule video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, uMomberg uyezwakala ekhononda "ngomqondo wabantu abamnyama" eGoli.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.